Mamelodi Sundowns (0) 0
AS Maniema Union (0) 0
UKUQALA kweMamelodi Sundowns ngokulahla amaphuzu ekhaya kwiCaf Champions League kungase kufake umqeqeshi waleli qembu, uManqoba Mngqithi ezinkulumweni kwazise uphikwa yimiphumela emqoka kulezi zinsuku.
Ompetha base-Afrika bango-2016, bacazelane ngamaphuzu ne-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) emdlalweni ka-Group B ngoLwesibili ebusuku, eLoftus Versveld.
ISundowns iqala iChampions League ngebatha nje, isazikhotha amanxeba kulandela ukuphoxeka ekuthole ngokukhala ngaphansi kwiMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo odlule.
Siqubule imibuzo isikimu esiqale umdlalo kwazise ububabulekile.
Obekuseqhulwini ukuthi ngabe uMngqithi uyithathe kancane iManiema noma ucindezelwe umphumela wowamanqamu weCarling.
Ngaphambi komdlalo lo mqeqeshi uchaze lezi zinguquko njengebezidingeka ngenxa yezizathu ezahlukene.
“Obekusibusa ukuthi abadlali abaningi babuye emidlalweni yamazwe benokuthinteka okusiphoqe ukuba singaphoqi ngoba bangase balimale kakhulu,” kusho yena kwiSuperSport ngaphambi komdlalo.
“Bonke abadlali esiqale ngabo ngiyabethemba kodwa okusemqoka kunakho konke ukugwema ukunika iManiema ama-free-kick ngoba bade abadlali bayo.”
Akuzange kuthathe isikhathi ukuthi kucace ngezinhloso zezivakashi kwazise zihlale emuva umdlalo usuka ngakho kodwa.
Lokhu bekubukeka sengathi kuyinkinga kwiSundowns ebizama ukujwayelana ngokuhamba komdlalo kwazise isikimu esiqale umdlalo besihluke kakhulu kwesishaywe iMagesi FC kowamanqamu weCarling ngeledlule.
Kubadlali abanikwe ithuba lokuqala umdlalo weChampions League, kukhona uMalibongwe Khoza, Erwin Saavedra, Devine Lunga no-Athur Sales.
Kuze kwayiwa ekhefini iSundowns ingakhombisi izimpawu zokuba ingozi kwiManiema yize ebezipholele, uRonwen Williams, obesezintini zeqembu lasekhaya.
Nakwesesibili isiwombe, iManiema ibisamile emuva yize iSundowns ibisiqala ukungqongqoza ngamandla.
Ukuhamba kwesikhathi lingaveli igoli nokukhuphula umdlalo kweManiema, kugcine kumphoqa uMngqithi ukuthi abheke ebhentshini wabuya noPeter Shalulile, Neo Maema noKhuliso Mudau, ezindaweni zika-Arthur Sales, Kabomelo Kodisang no-Erwin Saavedra. ISundowns ikuzame konke kodwa igoli lagcina linqabile ukuqabula inethi.