INTOKAZI egqame ezinkundleni zokuxhumana ngama-video ayo ikhuluma futhi iveza imibono yayo ngezinto zesintu, uMashudula, isiveze ukuthi udumo eluthola manje yinto ekhule vele iyifuna, njengoba kusukela ebuncaneni bayo yayifisa ukuba wumsakazi.
Le ntokazi ezigqajayo ngokuba yibhinca eliziqhenyayo ngokuba wumZulu, iqale ukwaziwa nge-Facebook neTikTok ngo-2021, lapho ibivame ukuvela khona yenza ama-video, enze yathandwa.
Engxoxweni neSolezwe, uMashudula, ogama lakhe lokuzalwa wuNcengani Angel Shezi, uthe kusukela kwasebuncaneni bakhe ubefuna ukwenza into ezokwenza abe semehlweni abantu.
Uthe ngenxa yokungalitholi ithuba lokuyofunda esephothule u-matric eMatholamnyama High, ngakubo eNkandla ngo-2010, ubebamba amatoho, ukuzama ukuba wusizo emndenini wakubo, ukuze ehlise umthwalo kugogo wakhe owamkhulisa.
“Kuthe ngabo-2021, ngaqala ukwenza lama video okuyiwona angakhele udumo ebantwini, ngaqala ukumenywa ezinhlelweni ezahlukene zakwiYouTube, ngibala nohlelo lwezesintu Umbuso Wamaciko, okuyilona olwakhulisa kakhulu abalandeli bami ngo-2022, kwaba wukuduma kwami kanjalo endimeni yobuciko,” usho kanje.
Iqhuba, le ntokazi enabalandeli abangaphezu kuka-500 000 kwiFacebook nabangaphezu kuka-200 000 kwiTikTok, ithe ekuzuza ngobuciko bayo, kufakazela ukuthi idalelwe ukuchuma ngodumo.
UMashudula abanye bamaze kakhulu ngokuba sematheni ezinkundleni zokuxhumana ngokuphumela obala ngobudlelwane bakhe nombhali wezincwadi zesiZulu, uLungisani Mavundla.
Useke wabonakala futhi ephethe izinhlelo zemicimbi ehlukene ikakhulu eyesintu; esingabala kuyona Impucuzeko Maskandi Festival, Khuphuka Nezakho nesuke ihlanganise abesifazane.
“Nokho akupheleli lapho ngoba engikudinga kakhulu wukuba wumsakazi wezinhlelo zesintu, futhi ngingajabula ukuthola ithuba lokulingisa emidlalweni yethelevishini ngoba ngikholwa wukuthi ngingangena khaxa nakulokho,” kusho uMashudula.