ISILO samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sicele abantu baso ukuthi baqinisekise ukuthi bayasivikela isakhiwo sabo esisha, esinezinsiza zikahulumeni iManaba Community Centre, esiseMbazwana.
IMbube ifike izovula ngokusemthethweni isakhiwo eManaba yakhuluma nabantu bayo.
Beyembathwe ibutho layo ebeliviliyela kukhona nezintombi nto ebezisina zivuma ingoma kukuhle kudelile.
Abadala nabancane bebejabulile, baqungela ilanga ebelikhipha umkhovu etsheni bezolalela oNgangezintaba.
Izakhamuzi zelulekwe yiSilo esithe akube yizona eziyiso elizoqapha lisakhiwo sazo esisha.
Ithe uma benze njalo lokho kuyokwenza ukuthi kwengezwe neminye iminyango kahulumeni ezotholakala kusona.
Njengamanje lesi sikhungo sinehhovisi elibhekele izimpesheni iSassa namahhovisi oMnyango wezaseKhaya.
UNdunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi obekulo mcimbi, uthe abantu baseManaba sebezozithola eduzane izidingo zabo eziqondene neSassa noMnyango wezaseKhaya.
ISilo siphinde sadlulisela emphakathini indawo edonsa amanzi emhlabathini.
Le ndawo kulindeleke ukuthi iphakele imizi engaphezu kuka-330 ngamanzi ebikade iwezwa ngendaba.
Kuvela ukuthi yinhlangano iKing Misuzulu Foundation enikele ngalesi sikhungo.