UKHALA ngezomthetho ezithambisa kakhulu isandla kubasolwa, umndeni womfundi waKwaMajomela, KwaNongoma, okuthiwa ugwazwe yisihlobo wafa, sadedelwa ngebheyili.
Esigamekweni okuthiwa senzeke ngoNovemba 16, nonyaka, kushone uSmiso Sithole (14) obefunda uGrade 8 eMthombowesizwe High.
Ngokusho kukamamncane kamufi, uNksz Zandile Sithole, umufi ubehamba nezinye izihlobo ezimbili ngesikhathi behlangana nomsolwa nabanye besifazane bakwabo ababili.
“Bebebuya ukukhapha unina obeya enkonzweni kwaShembe. Bathi bebezwa betshelana ukuthi ‘asibagudluze khona bezokhuluma bese siyabagwaza’. Nebala babagudluza, bathi uma sebephendula laba, umsolwa wakhipha i-screwdriver emabeleni, wagwaza umufi kanye esibeleni,” kusho uNksz Sithole.
Uthe uphuthunyiswe esibhedlela lapho afike washonela khona, wathi bewumndeni baphatheke kabi ukuthi iNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma, ivele yamdedela kalula ngebheyili umsolwa.
“Bavele bamkhipha ngo-R2 000 ekubeni ebulele umuntu. Sibuhlungu ngalokho. Sibona sengathi umthetho wehlulekile, sifisa kungenelele iziphathimandla eziphezulu ngoba siyabufuna ubulungiswa,” kusho uNksz Sithole.
Udalule ukuthi bayasola ukuthi ukubulawa kukamufi kuphathelene nezingxabano zomndeni.
Uthe bezibakhona izinsongo abazitholayo emndenini kamsolwa athe bayazalana nawo futhi bahlukaniswe uthango.
UNksz Sithole uthe bazizwa bengaphephile kulandela lesi sigameko esesidlule nomphefumulo.
“Zikhona ezinye ebeziba khona njengokuthi basithuke, basisabise ngokuthi bona banezibhamu futhi bazana nezinkabi. Besiye singanaki kodwa emva kokubulawa kukaSmiso, sesinovalo,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aKwaNongoma abophe owesifazane (20) ngecala lokugwaza abulale umgilwa (14) ngesikhali esicijile esifubeni.
“Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma, ngoNovemba 18, lahlehliselwa uNovemba 25. Kuvela ukuthi umgilwa nomsolwa baba nengxabano encane, umsolwa wagwaza umgilwa. Waphuthunyiswa esibhedlela lapho owafika washona khona,” kusho uNetshiunda.