IBUHLUNGU inhliziyo yomdlali wasemuva weStellenbosch FC, i-Ismael Toure, odalule ukuthi usehlaliswe ngenkani kuleli qembu elifuna itshe lemali kwamgaqele.
UToure (26) wase-Ivory Coast, wasayina kwiStellenbosch ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024, esuka kwiMarumo Gallants eyagawulwa yizembe kwi-Betway Premiership.
Kuleli qembu laseKapa uphenduke enye yezinsika zomqeqeshi, uSteve Barker. Ngesizini edlule udlale imidlalo engu-34, washaya amagoli amabili. Nokho izinto zishintshile ekupheleni kwayo ngesikhathi efaka isicelo sokudayiswa kubaphathi beqembu kodwa asangemukelwa.
Emasontweni adlule, kuvele ukuthi ubuyile nesicelo esifanayo kodwa lokhu akwehlanga kahle kubaphathi, wayalelwa ukuthi ayoziqeqesha neqembu leDStv Diski Challenge (DDC) ngesikhathi iStellies ilungiselela ukudlala neNsingizini yaseSwatini emidlalweni yeCaf Confederation Cup agcine engayidlalanga.
UToure obekusabalele ukuthi ufunwa yizinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, ngomunye wabadlali abashaye into ecokeme ngesikhathi iStellies yehlula iMamelodi Sundowns kowomlenze wesibili wowandulela owamanqamu weMTN8 eThekwini, muva nje.
Emuva kwalo mdlalo, utshele leli phephandaba ukuthi iStellies ayifuni ukumdedela phezu kokuba ekhona amaqembu amfuna ngezigidi. Kukhona nawaphesheya kwezilwandle okuvela ukuthi amgaqele.
“Ngifuna ukuhamba kodwa iqembu lifuna u-R10 million emaqenjini angifunayo. IKaizer Chiefs ibingifuna, nePirates ifikile kodwa iqembu limile ngokuthi lifuna le mali ngami. Lithi ngeke limdedele umdlali osezingeni lami ngemali engaphansi kwaleyo. Ayingiphethe kahle le nto. Kodwa ayikho into engizoyenza ngoba nginenkontileka neqembu,” kusho uToure.
IStellies yenqaba ukudayisa uToure nje, isivele idayise abadlali abathathu abamqoka. Idayise u-Iqraam Rayners kwiSundowns ngemali okuvele ukuthi ingaphezu kuka-R10 million, yathola izishaqane kwiPirates ngokaputeni uDeano van Rooyen. Ekupheleni kwesonto eledlule, iStellies idayise umdlali wasezinhlangothini, u-Antonio van Wyk, kwiSV Ried yase-Austria.
Kungenzeka ukuthi ukudedelwa kwabanye abadlali kwiStellies yikhona okumzwisa ubuhlungu uToure. Emasontweni adlule, ngesikhathi leli qembu lisayinisa uBrian Onyango obedlalela iSundowns, bekunenkolelo yokuthi selizomdedela. UBarker, osanda kuvuma ukuthi uToure ufake isicelo sokudayiswa, ucashunwe ethi alikho iqembu laseMzansi elimfunayo lo mdlali.
“Alikho iqembu elisakhombise intshisekelo ngo-Ismael Toure. Ngesikhathi efika kithina wakuzwakalisa ukuthi ufuna ukuyodlala e-Europe. Lokhu kuseseqhulwini. Siyabona ukuthi kuyakhula ukufunwa kwakhe ngamaqembu ase-Europe. Akubukeki sizoyilalela eyamaqembu alapha ekhaya,” kusho uBarker. Iwindi lokusayiniswa kwabadlali e-Europe selivalile. Elakuleli livalwa ngoSepthemba 20.