*Ukukholelwa kubadlali abancane njengoba ayeshilo kwazise, uVilakazi (18) ushaya igoli lokuwina nje, uSamkelo Zwane (22) noShabalala (20) bawuqalile umdlalo. UWandile Duba (20), ungene wenza into ebonakalayo.
*Ubonakale ezithemba izinduku zakhe ezintsha, uGaston Sirino, Bradley Cross, Inacio Miguel bangabanye abadlali abasha eqenjini kodwa abafike bangena sengathi kade baba yingxenye yeqembu.
* Unozinti uFiacre Ntwari, ubonakale enokuxhamazela emapalini kwamanye amabhola obekubonakala emdida, kusho khona ukuthi iGallants iyahluleka ukubhakuzisa inethi. Kungenzeka ubesashaywa itwetwe njengoba bebedlala phambi kwezinkumbi zabalandeli ngoba ngokuhamba komdlalo ubesebonakala enza kangcono.
*Babukeka bengase babe senkingeni abadlali abafana noSibongiseni Mthethwa, Zitha Kwinika noMduduzi Mdatsane, ukubala abambalwa. Uma isikimu uNabi aqale ngaso siqhubeka nokuhlangana nokudlondlobala, laba bangase bazithole kumele basebenze kanzima ukuthola ijezi.
*Kubononakale ukuzethemba kubadlali beChiefs njengoba bekhombise ukungadikibali noma sebelandela emuva.
*Ukufika kukaGaston Sirino, kubukeka kuzovusa abagadli njengoRanga Chivaviro, obeqhamuka ezikhaleni lo mdlali oqhamuka kwiSundowns elokhu emphakela amabhola.
*Okunye okuhlale obala wukushesha kwebhola layo uma ihlasela. Kucacile futhi ukuthi indlela yokudlala kaNabi izoncika kakhulu kuSirino oqala cishe yonke iminyakazo.
*Kungenzeka ukuthi kuhlabe umxhwele abaningi ukubona iChiefs idlala amabhola aya phambili amaningi. Lokhu bekuholela ekutheni ifike njalo ebhokisini leGallants futhi alithole njalo ibhola uChivaviro.
*Nakuba kuseva kodwa kubukeka lubuyile uzinzo odongeni lwasemuva phezu kokuba lwakhiwe ngabadlali abasha. Ubuhol, okubukeka enabo uMiguel, ngenye yezinto ebezishoda kumasizini adlule.