UMQEQESHI wamaBhokobhoko uRassie Erasmus usechazile ukuthi kungani enqume ukushintsha umqondo wakhe aphumuze umdlali waphambili, u-Ox Nche, abemfake eqenjini elizoqala umdlalo neWales ngoMgqibelo.
UNche, owuqalile odlule ne-England ngaphambi kokuthi akhishwe ngenxa yokusikeka ngenhla kwedolo, ngeke esaba yingxenye yalo mdlalo ozoqala ngo-7.40 ebusuku eMillenium Stadium, eCardiff.
UThomas Du Toit uyena osezoqala endaweni yakhe kwi-loosehead prop, u-Wilco Louw adlale kwi-tighthead prop. Uhlu lwabadlali abazoqala ebhentshini lusafana nolumenyezelwe u-Erasmus ngesikhathi ekhipha isikwati okokuqala.
“U-Ox ubengumdlali omqoka kithina kule sizini ngakho-ke sikhethe ukumphumuza ngenxa yokuzikhandla kwakhe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule,” kusho u-Erasmus.
“U-Wilco uqalile ngesonto eledlule futhi ubeziqeqesha kahle kuleli sonto, sibone kungcono aphinde aqale, bese sihloma ngoThomas kwi-loosehead prop. Lokho kwenze ukuthi iqembu liqhubeke nokuhleleka kahle futhi libe nabadlali abanele ebhentshini abalungele ukudlala phambili.”
Bane abadlali abangeke badlale ndima kulo mdlalo wakusasa abanqume ukubuyela ekhaya ngoLwesithathu, bejoyina uPieter-Steph du Toit, ohambe ngoMsombuluko. Laba badlali ngoKwagga Smith, Lukhanyo Am, Andre Esterhuizen noMakazole Mapimpi.
“Sinikeze abadlali abangeke badlale ithuba lokuthi baqhubeke nokuhlala ekhempini noma babuyele emakhaya bayochitha isikhathi nemindeni yabo. Sinesiqiniseko sokuthi sinabadlali abanele abazokwazi ukuvala izikhala uma kwenzeka kuba khona abalimalayo ngaphambi komdlalo,” uqhube kanje u-Erasmus.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neWales:
Abazoqala: 15 Aphelele Fassi, 14 Cheslin Kolbe, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Kurt-Lee Arendse, 10 Jordan Hendrikse, 9 Jaden Hendrikse, 8 Jasper Wiese, 7 Elrigh Louw, 6 Siya Kolisi (ukaputeni), 5 Franco Mostert, 4 Jean Kleyn, 3 Wilco Louw, 2 Johan Grobbelaar, 1 Thomas du Toit.
Abasebhentshini: 16 Malcolm Marx, 17 Gerhard Steenekamp, 18 Vincent Koch, 19 Eben Etzebeth, 20 RG Snyman, 21 Cameron Hanekom, 22 Cobus Reinach, 23 Handre Pollard.