USELE yedwa notavatava lokugebenga nokuntshontshela uyise uLongwe Twala, ogqunywe esitokisini ngemuva kokudedelwa komfowabo uSello ayeboshwe naye ngamacala okugqekeza nokweba.
ULongwe uvele kancane enkantolo yeMantshi yaseRandburg, ngoMsombuluko, ngamacala okugebenga nokweba. Le nsizwa yaboshiswa uyise uChicco Twala ngemuva kokufica kwakhe kugqekeziwe, kwebiwe nemishini yakhe ebiza izinkulungwane. UChicco wanikela esiteshini samaphoyisa eDouglasdale, wavulela amadodana akhe amabili, uLongwe noSello, amacala okugqekeza nokweba.
USello wadedelwa yinkantolo ngomhla ka-12 kwephezulu ngemuva kokuba kuvele enkantolo ukuthi abukho ubufakazi obanele obumyamanisa nalawa macala.
ULongwe oneminyaka engu-39 ubudala, uthole ummeli woMbuso ocele inkantolo ukuba imnikeze isikhathi sokuthola imininingwane eyanele ngalo.
Imantshi u-Abdul Khan itshele uLongwe ukuthi ngeke bakwazi ukuqhubeka necala ngemuva kokuthi ummeli wakhe ecele ukuthi icala lihlehliswe.
"Mnumzane Twala, udaba luzobuyela enkantolo ngoSepthemba 25. Ummeli wakho ucele isikhashana ukuze athole ulwazi olwanele ngecala. Ucele uMbuso isikhathi sokulilungiselela icala lakho, uzohlala esitokisini uze uzwe ngebheyili yakho ngesonto elizayo,” kusho yona.