Sekuqalile ukupiklelana phakathi kukaMphathiswa woMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma nomethuli wesiminyaminya sasemigwaqweni kuKhozi FM, u-Ayanda "Ngwenya" Msweli.
UDuma noMsweli bazobe bedlana imilala ngomculo kamaskandi kuSigiya Ngengoma kuKhozi FM phakathi kuka-11 no-12 emini.
UDuma uthe akubuzwa nokubuzwa ukuthi uzobe ezigwazela ibhece kulosaziwayo wodumo lwebhakede likazwelonke.
"Anginakho ukungabaza ukuthi ngizodla umhlanganiso. Izingoma engizoziqhulula zizobe ziqokwe ngabalaleli abasilandelayo ezinkundleni zokuxhumana futhi abathanda umculo kamaskandi."
NoMsweli ngakolwakhe uhlangothi uthe ngeke elale phansi engandlalelwe, naye uzobe eqhulula ulozolo lodwa ngalolu suku, kwazise udabuka kwaNkomokayixoshwa lapho kunenqwaba yezihlabani zikamaskandi.
UDuma uthe umculo kamaskandi uneqhaza elikhulu olidlalayo ukuthi abantu babumbane njengesizwe. "Futhi usimamisa ukuthandana nokuzigqaja ngobuthina. Uphinde uqhakamibise amasiko, ezokuvakasha, ezomnotho, kanye futhi udala amathuba emisebenzi emicimbini yezokungcebeleka nemboni yomculo."
Esephetha uDuma ube esebonga abashayeli ngokuziphatha kahle emgwaqweni.
"Sibonge kakhulu abashayeli bamatekisi kanye nabanikazi bamatekisi - nabaholi bososeshini ngokuletha uzinzo njengoba kungamaholidi. Abantu basemakhaya nasezihlotsheni ngenxa yemboni yamatekisi. Asisebenzisane, siyiqinise le mboni ithuthuke ibe wumgogodla wesizwe. Asihlangane ngoMgqibelo oKhozini FM."