Bazowuhlukanisela ezitokisini unyaka abesilisa abathathu ababhekene necala lokuzama ukubulala ngemuva kwesigameko sokushawa komnikazi wendawo yokungcebeleka e-Orkney, eNorth West esaqoshwa kwi-video maphakathi noDisemba.
UHanyane Ronauld Mei (47), Danile Nxamakele (35) noPitso Radebe (47) bazinikele emaphoyiseni ngoLwesibili.
NgoLwesihlanu babingelele iMantshi yase-Orkney, icala labo lahlehliselwa uJanuwari 3 ukuze bafake isicelo sebheyili.
Kusolakala ukuthi ngoDisemba 16 bashaya umnikazi wendawo oneminyaka engu-57, i-video yesigameko yasabalala ezinkundleni zokuxhumana.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, umgilwa waphuthunyiswa esibhedlela wadedelwa ngoMsombuluko.
Phambilini kuke kwasabalala imibiko yokuthi umnikazi wendawo ushonile ngemuva kwesigameko kodwa amaphoyisa akuchitha.
Uphenyo luveza ukuthi iqulu labantu lalibhema i-hubbly bubbly, nokuyinto eyayingavumelekile kule ndawo yokungcebeleka. Kuthiwa abasebenzi babakhuza kabili ngaphambi kokubiza umnikazi wendawo. Kuthiwa yilapho abavele baphakamisa khona umoya nokuthe uma ebuya okwesithathu base bemshaya, bamgwaza ngommese.
Amaphoyisa anxuse umphakathi ukuthi ugweme ukusabalalisa imininingwane engaqinisekisiwe nokusebenzisa ngendlela izinkundla zokuxhumana ngoba kungaphazamisa uphenyo lwawo.