Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseSeshego eLimpopo maduze owesilisa oneminyaka engu-28 oboshelwe icala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-13 yakhulelwa.
Ngokwemibiko, umgilwa nomsolwa bahlangana enxanxatheleni yezitolo eSeshego ngoJanuwari nonyaka. Baqala ukukhuluma baze baya ocansini ngoMeyi.
“Intombazane ize yabika ngesigameko kubabekazi wayo ngemuva kokuba nezinkinga okuthe ngokuhamba kwesikhathi ngoNovemba, ukuhlolwa kodokotela kwaqinisekisa ukuthi inezinyanga eziyisishiyagalombili ikhulelwe, yase iteta ingane yomfana ngoKhisimusi,” kusho okhulumela amaphoyisa eLimpopo uBrigadier Hlulani Mashaba esitatimendeni.
Uthe amaphoyisa abikelwe ngesigameko kwase kuvulwa icala lokudlwengula umuntu osemncane.
Umsolwa uboshwe ngoLwesine.
UMkhuzi wamaphoyisa eLimpopo uLieutenant General Thembi Hadebe, ugcizelele ukuthi amaphoyisa ngeke azibekezelele izenzo ezifana nalezi wanxusa abazali ukuthi bavikela izingane zabo ngaso sonke isikhathi.