SIYANGENA isikhumbuzo senkosi yamaNazaretha yesithathu esakhothama, inkosi Amos Kula Shembe Inyangayezulu, eBuhleni ngoSepthemba 24.
Njengoba kuhlala kwenzeka minyaka yonke, kuzokhunjulwa imisebenzi yeNyangayezulu ngenkonzo yayo ekhethekile ebakhona njalo uma kuyilesi sikhathi sonyaka.
Okhulumela umholi wamaNazaretha, inkosi Mduduzi Shembe, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe amaNazaretha asuke ezilile ngaphambi kokungena kwenkonzo yeNyangayezulu.
“Uma kuzoba yinkonzo yesikhumbuzo yeNyangayezulu, akudliwa into eshisayo noma ngabe lolu suku alukho ngeSabatha. Kuzoba nenkonzo ezoqala ngoSepthemba 25 khona eBuhleni iqhubeke nangakusasa ngomhlaka 25. Umhlaka 24 yilona suku inkosi Inyangayezulu eyayidunguzela kakhulu ngalo yakhothama ngomhlaka 25 Septhemba. Uma kunenkonzo yesikhumbuzo yayo kusuke kuwumunyu wodwa amaNazaretha asuke ekhihla nesililo ekhumbula imisebenzi yenkosi. Abanye basuke bebonga abakwenzelwa yinkosi nezibusiso abazinikwa iyona,” kusho uMncwabe.
Le nkonzo izokwenzeka kanye nomgidi wezintombi oba njalo ngoSepthemba kumaNazaretha nozoqhubeka emva kwenkonzo yesikhumbuzo.
Kulungiselelwa le nkonzo nje uNyazilwezulu lusanda kubuya eNtabazwe (eHarrismith) okuyindawo okuqhamuka kuyona uMqaliwendlela, inkosi u-Isaiah Mloyiswa Mdliwamafa Shembe ongumsunguli webandla lamaNazaretha.
UMncwabe uthe bakujabulele ukuvakashela le ndawo bengamaNazaretha nathe inomlando omude ngobuNazaretha.
“Inkosi uNyazilwezulu seluzihambele izindawo eziningi ezingamagugu ebandla lamaNazaretha. Indawo esisele ukuthi lungene eKuphakameni okusenzima ukungena kule ndawo ngenxa yombango owabakhona. Nalo uNyazilwezulu lunesifiso sokuthi lungene eKuphakameni. Indawo yasekuPhakameni inomlando ojulile njengoba igetsemane (ithuna) likaMqaliwendlela neleLanga likule ndawo. Ngisho Inyangayezulu ngaphambi kokuthi ikhothame yake yasho ukuthi asithandaze sibheke eKuphakameni ngesikhathi sivakashele kwabhekabezayo (emathuneni amaNazaretha). Yasho ukuthi inesifiso ukuthi wonke umuntu anyathele khona ngaphakathi njengoba le ndawo ilele abasunguli bebandla kube nemicimbi eyenziwa khona. Ngisho nobaba uNyazi angayithenga uma kungavela lelo thuba ngenxa yokubaluleka kwayo le ndawo,” kuqhuba uMncwabe.