OWAYENGUMDLALI weBanyana Banyana, uZamandosi (Cele) Nene osengoshadile, uthi ukwesekwa akuthola kumyeni wakhe yikho okusamgqugquzela ekuqhubekeni nokudlala ibhola njengoba esenisifso sokubuyela eqenjini lesizwe ngaphambi kokugaxa amakhokho emgibeni.
UNene (33) owazakhela igama eminyakeni edlule kwiDurban Ladies nakwiBanyana, ungomunye wabadlali abanamava nabayizethenjwa eqenjini i-Ezemvelo Women’s FC ezomela iKwaZulu-Natal kuma-Play-Offs kazwelonke eSafa Sasol League azodlalelwa eWestern Cape, ngo-Okthoba 14-20.
Kule midlalo kuzobe kudlana imilala amaqembu ayisishiyagalolunye angompetha bezifundazwe elwela ukukhuphukela kwiHollywoodbets Super League.
I-Ezemvelo ezinze eMlaza, eThekwini, ishaye iNewcastle Chess kweyokuhlunga yesifundazwe ukuze ithole ithuba lokuzifaka kwiSuper League.
“Umyeni wami uyangeseka kakhulu ekudlaleni kwami ibhola. Ukungeseka kwakhe yikhona okungigqugquzela kakhulu ekuqhubekeni nokudlala ibhola njengoba ngisayibambile namanje.
Okuhle ukuthi naye ungumuntu olaziyo futhi olithandayo ibhola njengoba ngiziqeqesha neqembu alidlalelayo lama-Legends aseMgungundlovu, ngakho ungiseka ngendlela eyisimanga. Njengoba senginengane nje (eneminyaka emine), ngenkathi isencane kakhulu wayesala nayo ayigade mina ngihambe neqembu ukuyodlala.
“Akagcini lapho, uyangiphelezela uma sinemidlalo yakude, njengakoMtuba nakwezinye izindawo eziqhelile. Uhamba nami ukungishayelela ikakhulukazi uma sekubuywa ngoba ngisuke sengikhathele ngiqeda ukudlala,” kuchaza uNene.
Le ntokazi isineminyaka eyishumi yashada nomyeni wayo, uNkosinathi Nene.
“Yize sengikhulile ngeminyaka kodwa ngisadlala futhi ngiseqatha, ngakho ngisenesifiso sokudlala eqenjini lesizwe njengoba bekhona ontanga yami abasadlala namanje. Uma kungenzeka ngibizwe eqenjini lesizwe ngoya ngigijima. Kodwa futhi uma kuwukuthi kugcina kungenzekanga, ngeke ngidikibale, ngisazoqhubeka nokudlala ibhola ngoba ngiyalithanda futhi ngizimisele ukusiza iqembu lami ukuthi lingene kwiHollywoodbets Super League. Sizimisele kakhulu siyiqembu, i-Ezemvelo, ukufika senze kahle kuma-Play-Offs singene kwiSuper League, okuyisifiso sawo wonke umuntu oyingxenye yeqembu.”
UNene wadlala amahlandla angu-25 kwiBanyana. Wayeseqenjini eladlala okokuqala kuma-Olympic Games ngo-2012, eLondon. Ukholwa ukuthi ibhola labesifazane alikafiki lapho okufanele libe khona.
“Phezu kokuba ibhola labesimame selinakeka njengamanje, ngokubona kwami alikafiki kuleli zinga okufanele ngabe selikulona, okuyizinga elifana nele-PSL (Premier Soccer League). Mhlawumbe uma lingafika ezingeni lapho khona abadlali besifazane nabo sebekwazi ukuphila ngokudlala ibhola njengoba kwenza abesilisa, lokho kuyosho lukhulu kimina nozakwethu abaningi, ngoba akuthina sonke esiyokwazi ukuziphilisa ngemfundo,” kusho uNene.
UNene usebenzela inhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni, i-Safe Hub Organisation eseNgoje, ngaseVryheid, ekhuthaza intsha ngemfundo nezemidlalo nobuciko, esebenzisana nezikole.
Uphethe ngokuthi unalo uthando lokwenza izifundo zokuqeqesha ngomuso.
“Ngiyaxhumana nomngani nomphathi wami weZemvelo, uSiphindile Sithole, ukuthi angibekele indlebe uma kukhona izifundo zokuqeqesha ezivelayo, ukuze ngikwazi ukuhlaba ikhefu ngiyofunda.”