ISILOMO somculi kamaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele sithi awukho umqondo ocashile esenzweni saso sokuncoma ingoma kaJumbo apike kuyo “imbangi” yakhe uKhuzani ethi Noma Ungavala.
UMthandeni ufake isithombe esiqoshwe ku-YouTube sale ngoma ekhasini lakhe le-Facebook wase eyancoma.
“Nomu ngavala suka suka phuthuma laphaya kuYoutube iyatholakala ikhona ne link. Basebenzile abafwethu futhi bazimisele bakhuthele kakhulu syabonga,” kubhala uMthandeni.
Kusuka efake lo mbhalo kube nokukhulu ukukhuluma kubantu abahlukene.
“Ngithe angifake isandla nje ngiphushise abafowethu anginasizathu esingale ngokwenza lokho,” kusho uMthandeni.
Ngesikhathi abanye bencoma isenzo sakhe, abanye bebethi uyabhuqa ngokuncoma.
Uthe ngeke aphawule ngalabo abathi uyabhuqa.
“Ngeke ngiphawule into engingayazi. Abantu bazikhulumela noma yini abayithandayo,” kusho uMthandeni.
Kulezi zinsuku usikaza ingoma entsha Ishephisi Ejezini apike kuyo uNomcebo Zikode nathe izophuma maduze.
Ekhuluma ngayo uthe uzodedela i-albhamu ephelele.
“Isingaphuma noma yinini kusuka manje. Ibophele umculo omnandi, abantu abalinde into enomyalezo nezingoma ezimnandi ezizobajabulisa. Okwamanje uNomcebo Zikode uyena yedwa engimpikile,” kusho uMthandeni.