BAFUNA lusukunyelwe phezulu abazali olwabafundi abafuna ngoshova o-R100 okuyimali yokuvikela abanye esikoleni iMsebe Primary eMlaza, kwa-H.
Lokhu kudalulwe ngomunye wabo, uMnuz Sithembiso Lamjola, kulandela ukuya kwabo kulesi sikole izolo, beyofuna izimpendulo.
Elandisa, uLamjola uthe uthole ngempelasonto ngokwenzeka kulesi sikole, ehlangana nomzali wengane efunda khona.
“Uthe ukhathazekile ngengane yakhe ethi ayisafuni ukuphinde ilubhade esikoleni ngoba ikhathele ukukhokha imali yokuvikelwa,” kusho uLamjola.
Uveze ukuthi uthe uma esenza olwakhe uphenyo endaweni, wathola ukuthi ziningi ezikhala esifanayo.
Uthe bathole ukuthi sekunesikhathi iqeqebana labafundi abafunda uGrade 6 no-7 kulesi sikole abazibiza ngeQwabe Protection, befuna imali kubafundi abafunda amabanga angaphansi kwawabo.
“Kuthiwa babeka isamba sika-R100 ukuthi umfundi ngamunye akasikhokhe. Kuvela ukuthi babeka umthetho othi umfundi ngamunye angakhokha phakathi kuka-R1 kuya ku-R5 nsuku zonke ukwehlisa isikweletu sakhe sika-R100 aze asiqede,” kusho uLamjola.
Uthe abafundi abakhala ngokuthi abanayo le mali, baphila impilo yokushawa ngezimpama zonke izinsuku yileli qeqebana “labavikeli”.
Uthe engxogxweni ababe nayo nothishanhloko wesikole, bathole ukuthi isikole siyazi ngodaba kodwa akukho zinyathelo ezitheni esesizithathile.
“Sikhonjiswe uhlu lwaleli qeqebana elenza lo mkhuba, satshelwa ukuthi bake bashawa, kodwa kwangabe kusaba khona okunye okwenziwayo ngabo,” kusho uLamjola.
Udalule nokuthi abafundi abakwaziyo ukukhokha le mali yokuvikelwa yiqeqebana libasabisa ngokuthi uma bebika kothisha noma kubazali, bazophela yinduku.
Uthe isimo sesiphumile esandleni njengoba sekukhona abafundi bezikole ezingomakhelwane, abalinda leli qeqebana ngaphandle kwesikole.
Uveze nokuthi sebekhona nabanye abazali abaqhinqa ngaphandle kwesikole ukuzobheka “amabhoklolo” ahlukumeza izingane zabo.
“Sifuna ilungiswe masinyane le nto ingaze yonakale kakhulu. Asinazo izingane ezizoyeka isikole ngenxa yeqeqebana labavikeli futhi asiludingi udweshu oluzosuka ngaphandle kwesikole ngenxa yale nto,” kubhoka uLamjola.
Uthe bafune umhlangano ophuthumayo nesigungu esilawula isikole, iSchool Governing Body (SGB), ukuze ichaze ukuthi yini isikole esiyenzayo ukulwa nesihlava?
Uthe sebelubikile udaba nakumphathi wesiteshi samaphoyisa endaweni, ukuze amaphoyisa angenelele ngokubheka ukuthi imali eqoqwa iqeqebana kubafundi liyayidla lona noma kukhona abantu abadala abangaphandle kwesikole eliyisa kubo.
Usihlalo weSGB, uMnuz Zakhele Khumalo, uthe akulona iqiniso ukuthi kunenkinga efana nale esikoleni, wathi lokhu okushiwoyo, yinto nje esetshenziswa amaqembu epolitiki afuna ukuzitholela amaphuzu emphakathini.
Uthe ukube kukhona into efana nale esikoleni ngabe sebeyazi ngayo njengoba abafundi nabo abazali bevulelekile ukubika ngezinto ezingahambi kahle esikoleni.
Uvumile ukuthi kukhona isigameko lapho kuke kwaba khona abafundi abayishumi nanye, ababelindwe ngabanye ngaphandle kwesango lesikole.
“Sathola ukuthi ingxabano yayisuswe ukulwa kwababili ngempelasonto ngakubo. Yase ingenelelwa abangani bangaphandle, abazoqhinqa ngaphandle kwesikole,” kusho uKunene, othe babiza amaphoyisa ukuzolekelela abangaphakathi ukuthi bagoduke bephephile.
Uveze nokuthi bakhipha isexwayiso esiqinile kulaba abangaphakathi ukuthi uma kuke kwezwakala ukuthi balwile, bazoxoshwa esikoleni.
Uvumile ukuthi uhlu lwabafundi luzibiza ngeQwabe Brothers, kodwa uma bebuzwa ngaleli gama, bavele bashona le nale.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe bazothumela imenenja yesekethe ukuthi iyolubheka lolu daba.
“Sizocela isikole sisebenzisane nabazali. Ngeke sikubekezelele ukuhlushwa kwabafundi ngabanye ezikoleni zethu ngoba kufanele zibe yizindawo eziphephile,” kusho uMahlambi.