AMAPHOYISA aseKZN asekhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kowesilisa waseMariannhill, eThekwini osolwa ngamacala okukhokhisa imali yokuvikela.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, umsolwa uMnuz Linda Hlengwa, odume ngelikaPutin nelinye elithi Mjinja, wayeboshwe ngoJulayi 2020.
UNetshiunda uthe lo msolwa oyingozi wayeboshelwe icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
“Wadedelwa esitokisini kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesibhamu. Kusuka lapho uwashaya indiva amasamanisi ambizela enkantolo ukuthi ayobhekana namacala ayebekwe wona,” kusho uNetshiunda, othe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ikhishwe yiNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoSepthemba 9.
UNetshiunda uphinde wadalula nokuthi lona wesilisa ufunelwa noxhaxha lwamacala okufuna ngoshova imali yokuvikela eMariannhill.
Uthe amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi uHlengwa ukuphi awathinte ngokushesha enombolweni ethi 08600 10111.