IMINDENI yabesifazane ababili ababulawa ngesihluku ngenyanga edlule, basola imizamo yokubambezela icala kwabasolwa, kungacaci ngommeli omele omunye wabo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Umsolwa wokuqala uMnuz Lungani Mthethwa (38) nowesibili, uMnuz Sandile Chili (44) bekulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili ngecala lokudubula babulale uNksz Anele Mbokazi (29) nomngani wakhe uNksz Zizipho Gabisa (30).
Laba besifazane batholwa bebulewe emgwaqweni waseKenville eThekwini, ngo-Agasti 25. Ngakusasa amaphoyisa abopha abasolwa eSouth Beach emva kokulandelwa komkhondo kusetshenziswa iselula kaNksz Mbokazi.
Ngesikhathi bevela izolo enkantolo ebigcwele phama imindeni yabathintekayo nomphakathi, imantshi uMnuz Scelo, Zuma izwakalise ukungenami ngabameli bakaMthethwa.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi ummeli uNksz Sibongile Khanyile, othe uthunywe uMnuz Nyameka Jondwana ukuthi azomela ikhasimende lakhe uMthethwa.
UNksz Khanyile uveze ukuthi abakulungele ukuthi kuqhutshekwe nesicelo sebheyili njengoba bezinikwe ngoSepthemba 9, izitatimende ababezicele ngesikhathi abasolwa begcina ukuvela.
UZuma uthe yize esho kanje uNksz Khanyile kodwa ubona ukungahleleki kubameli balo msolwa, wexwayisa ngokuthi selihlehla okokugcina icala ngenxa yabo.
Ummeli kaChili, uMnuz B Ngcongo, yena uveze ukuthi ukulungele ukuqala isicelo sebheyili, kodwa uZuma wathi icala alihlehlele u-Okthoba 7, ukuze abasolwa basifake kanyekanye isicelo sebheyili.
UMnuz Mvuselelo Magwaza okhulumela umndeni kaNksz Mbokazi, uthe lena indlela yokuqhamuka namaqhinga ngecala.
“Njengoba kudideke inkantolo nathi sididekile. Kuyasixaka ukuthi okwani lokhu kubambezela okungaka okulethwa uhlangothi lwabo (abasolwa),” kusho uMagwaza, othe banethemba lokuthi umthetho uzothatha indawo yawo.
Udadewabo kaNksz Gabisa, uNksz Thobile Gabisa, uthe ngokubona kwabo, abasolwa bazama ukubaxukuza umqondo beyimindeni yabagilwa.
“Mhlawumbe bacabanga ukuthi sizophosa ithawula kanti cha ngoba sifuna ubulungiswa ngezingane ezibulawe zincane, zisanekusasa eliqhakazile,” kusho uNksz Gabisa.
Uthe kwabanenga ukuzwa ukuthi abasolwa bahlela ukuliphika icala.
“Ungaliphika kanjani icala bonke ubufakazi bukhomba kuwena? Laba bantu babenenhloso yokubulala ngakho ke abagwetshwe,” kusho uNksz Gabisa.
Iphini likaSihlalo we-ANCWL eThekwini, uNksz Gugu Sibiya, lithe bayazibophezela ekutheni bazoyeseka imindeni yabagilwa njengoba bengahambisani nokubulawa kwabesifazane nezingane.
“Bababulele ngesihluku, badala ukuthi izingane zabo zikhule zingenabo onina. Umthetho awuthathe indawo yawo. Abantwana abasazi ukuthi uma behamba emakhaya bazobuya yini,” kusho uNksz Sibiya.
Bekukhona nabenhlangano i-LifeLine, nabo bezokweseka imindeni.
Isolezwe lithole ukuthi uMthethwa ungowokudabuka eKukhanyeni, eNdwedwe.
UMthethwa ungene enkantolo eshaye ihembe likanokusho elinombala omnyama nosagolide nebhulukwe lejini nezicathulo zikanokusho. Ubehlala ahlale ahlanganise izandla ebusweni samuntu othandazayo.
UChili yena ubefake ijakhethi elinombala omnyama nobomvu egcina emadolweni, ibhulukwe elimnyama, isikibha esibomvu namateki akhathele.
Ngaphandle kwenkantolo bekubhikisha umphakathi obufike ngenqwaba yamatekisi ukuzokweseka imindeni yabagilwa.