IQEMBU Umkhonto weSizwe lithi ngeke limsuse ohola leli qembu ePhalamende uDkt John Hlophe, ekubeni yilungu lohlaka olululeka umengameli ngezobulungiswa.
Okhulumela leli qembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bazolwa kuze kube sekugcineni nezinhlangano ezifuna kukhishwe uHlophe kwi-Judiciary Services Commission, ngoba unamava kwezobulungiswa.
“Ngeke sizwe ngezinye izinhlangano ukuthi ubani okumele simjube, nokungamele. Noma kuthiwa inkantolo iyasichitha siyoqhubeka nomsebenzi wethu, uHlophe akayi ndawo.”
Usho lokhu nje inkantolo enkulu yaseWestern Cape ayizange isikhiphe isinqumovecaleni elifakwe yi-DA nezinhlangano ezehlukene ezifuna kuchithwe uHlophe, kwi-JSC.
I-JSC iphinde iphakamise okumele babe ngamajaji nezimantshi kuleli.
Amajaji abelalele leli cala, athe azokhipha isinqumo maduzane.
Kuqalwe ngoLwesine ukudingidwa kwalolu daba kule nkantolo njengoba lezi zinhlangano okuyi-Freedom Under Law ne-Corruption Watch, zifuna uHlophe achithwe kwi-JSC.
I-AfriForum iya eNkantolo yoMthethosisekelo ukuyophikisana nalesi sinyathelo sePhalamende sokufaka uHlophe kwi-JSC.
U-Adv Thabani Masuku SC omele uHlophe, unxuse inkantolo ukuthi isichithe lesi sicelo esiphuthumayo sokuthi uHlophe angabi yingxenye yeJSC.
Uthe kumele lezi zinhlangano zikhokhe nezindleko kuleli cala ngoba yizona ezihudulele uHlophe enkantolo, noma kuthiwa uyawina noma uyachithwa.
“Uma kukhishwa uHlophe kwi-JSC kuyosho ukumnqinda umsebenzi wakhe wasePhalamende. I-DA isasho into eyodwa emaphepheni ayo mayelana nokungamfuni uHlophe okuyinto ehlulekile ukuyilwa ePhalamende,” kusho uMasuku.
Uthe ukuze uHlophe abe yilungu le-JSC kudingeka abe yilungu lePhalamende kuphela, akukho okunye.
Ummeli weMK, u-Adv Dali Mpofu, ukhale nge-DA wathi ifuna izinkantolo zinqumele iPhalamende indlela okumele lisebenze ngayo.
Uthe akumele izinkantolo zisetshenziselwe ukuphendula izinqumo ezithathwe yiPhalamende.
“Lokhu okwenzeka la enkantolo kuyimizamo zokuphinde zingcwabe uHlophe, ngoba emnyama. UHlophe waphundlwa izimendlela zokuba yijaji, ngakho lesi sicelo salezi zinhlangano siyimizamo yokuthi aphinde acindezelwe futhi,” kusho uMpofu.
Uthe i-DA kwakumele ilwe ukuphakanyiswa kukaHlophe njengelungu lePhalamende okuyinto leli qembu elingakwenzanga.
Uchithe ukuthi iJSC iyona eqoka amajaji, wathi lowo msebenzi okamengameli wezwe.