Izinkinga zesidoda, ukukhuluphala ngokweqile, ukubhema notshwala kungezinye zezizathu ezidala ukungazali kwabesilisa.
Ucwaningo lweBMJ Public Health Journal, olwenziwe nyakenye lwakhishwa ngoLwesibili, okuhambisana nosuku lwamadoda emhlabeni, i-International Men's Day, luveza ukuthi u-50% wabathandanayo ubhekana nenkinga yokungazitholi izingane, emhlabeni.
“Ukungazali akusona isifo esizimele, kodwa wuphawu lwezimo ezikhona noma izinkinga zempilo ezingase zidinge ukuhlolwa nokwelashwa,” kusho udokotela wezokubelethisa nodokotela wezifo zabesifazane uDkt Chetna Jain.
Uthe ezinye izinto eziwumthelela yimithi ethile yokwelapha, ufuzo, imvelo nendlela yokuphila.
Uqhube wathi zikhona izimpawu ezisobala ezifana nokungaphumi kwesidoda noma ubuhlungu esikhwameni samankwahla.
I-Varicocele: Ukuvuleka kakhulu komthambo oya esikhwameni samankwahla, okuphazamisa ukuphola okudingekayo emankwahleni, okuholela ekwehleni kwezinga lesidoda nenani laso.
Amagciwane: Uthe i-Orchitis (ukuvuvukala kwamankwahla ), i-epididymitis, noma izifo ezithathelana ngokocansi njenge-gonorrhea zingase zibangele ukulimala kwamankwahla, ukuvaleka kwesidoda, noma ukuncipha kwenani lesidoda.
Inkinga yokukhipha isidoda: Ukubuyela emuva kwesidoda sigelezele esinyeni esikhundleni sokuphuma endukwini. “Kungase kube ngenxa yesifo sikashukela, ukulimala komgogodla, noma ukuhlinzwa kwendlala yesinye noma esinyeni,” kusho ungoti.
Izinkinga zesidoda: Izinkinga ezifana nesidoda esingasebenzi kahle, ukungabibikho kwesidoda oketshezini oluphuma kowesilisa i-azoospermia, kanye nesidoda esincane (oligospermia) kungaholela ekutheni ungazali.
Ukuphazamiseka kwamahomoni: Ukungabikhona kwe-testosterone eyanele, i-pituitary gland kungehlisa izinga lokukhiqizwa kwesidoda nokungalangazeleli ukuya ocansini.
Ufuzo: Enye yezimbangela zokungatholi abantwana kwabesilisa i-Klinefelter syndrome, okuyisimo lapho owesilisa ene-chromosome yobulili engu-X eyengeziwe. Lokhu kungenzeka kuphazamise ukukhula kwamankwahla, ukukhiqizwa nokusebenza kwesidoda.
Amasosha omzimba e-Antisperm: “Amasosha omzimba ahlasela isidoda ngephutha, okuholela ekwehleni kokuhamba nokusebenza kwesidoda,” kusho uDkt Jain.
Ukwelashwa komdlavuza: Ukwelashwa komdlavuza njenge-chemotherapy, imisebe (radiation) , noma ukuhlinzwa kungakhinyabeza ukukhiqizwa kwesidoda.
UDkt Radhika Potluri owungoti esikhungweni eselapha izinkinga zenzalo, i-Oasis Fertility, uthe izinkinga zenzalo zidala ingcindezi nokhwantalala emadodeni.
Uthe ucwaningo olwenziwe i-StatPearls luveza ukuthi u20% wezinkinga zenzalo udalwa izinkinga zabesilisa.
“Inkinga yokungazali kufanele ikhulunywe ngozwelo ngoba inomthelela engqondweni, ukwesekwa nokuzinakekela kubalulekile kulolu hambo ,” kwengeza uPotluri.