BANINGI basho ngazwi linye ukuthi siyancomeka isenzo sikaNaledi Aphiwe, sokukhipha isitatimende sokuxolisa ngokwenzeke emcimbini kaMthandeni Igcokama Elisha Manqele ngoMgqibelo, lapho engene esiteji wacula, kube kusanandisa umculi kamaskandi, uGatsheni.
Le ntokazi yaseNanda, eThekwini, ikhiphe isitatimende ixolisa kuGatsheni nethimba lakhe.
“Bekungeyona inhloso yami ukuphazamisa noma ukukhombisa indelelo, ikakhulu kumculi kaMaskandi ohlonishwa kangaka emphakathini.”
Uqhube wathi uyavuma ukuthi ukuziphatha kwakhe bekungekuhle futhi uyazisola ngalokho.
Uxolisa-nje, noGatsheni ubekhiphe isitatimende ngoMsombuluko ekuseni ephawula ngalokhu okwenzeke kuMthandeni Summer Experience. UGatsheni uncome ithimba lakhe ngobuhlakani bokungalawulwa yimizwa, ethi bakubukile okwenzekile kodwa abangavumela imizwa ukuba ibalawule.
Ubesenxusa abaphathi bemicimbi ukuba baqinise amakhono okwazi ukumelana nokubhekana nezimo ezehla kungalindelekile ukuze kugwemeke isimo esifanayo.
Lo mculi oshaya izingoma ezishisa izikhotha, ubongele uzakwabo uMthandeni Manqele ngomcimbi omuhle nosezingeni eliphezulu.