ISIHLABANI somculo kamaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele sikhwele sadilika ebantwini bakuleli abazalwe ngeminyaka yama-70s nama-80s, sibasola ngokuthi abakaze basenzele lutho ukusiza umculo waso uye phambili.
Usho kanjalo ekhuluma nabeNhlaka Production emcimbini wakhe obungoMgqibelo, ngakubo eMdletsheni, abehlose ngawo ukuzojabulela impumelelo yengoma yakhe ethi Gucci, ayishaya nomculi wamapiano uMawhoo, ehlukanise unyaka emsakazweni Ukhozi FM.
Ekhuluma uthe ayikho into angayibonga ebantwini abazalwe ngaleyo minyaka, wathi selokhu aqala umculo wakhe, abenzanga lutho ukumsiza, kuphela bebehlangene nezitha zakhe emculweni.
“Abantu engifisa ukubabonga kakhulu ngabantu abazalwe sekuyophela iminyaka yama-90s kanjalo nabazalwe ngeminyaka yo-2000, okuyibona abazihluphile ngokuthola kabanzi ngami nangomculo wami. Bebengalaleli noma yini ebishiwo ngami, kodwa bebezihlupha ngolwazi lomuclo wami, futhi bengeseka.
“Bonke laba abanye abazalwane ngeminyaka yama-70s nama-80s f*** indaba yenu. Ningixhaphaze kakhulu ngalo maskandi wenu enihlale niwukhulumela njalo. Mina ngifike lana emculweni ngishaya umaskandi wangempela, ngisashaya ingoma ethi Intombi Ibalekela Odakeni, namanje futhi ngisawushaya umculo kamaskandi wangempela, angiyekile,” kusho iGcokama.