ENGOSINI edlule yezokuvakasha sikwethulele imbokodo yaKwaZulu-Natal enamabhizinisi eyibambe kulo mkhakha.
Iqhamuke nemibono, amasu nezeluleko ukugqugquzela abesifazane abafuna ukungena kuwona umkhakha.
Namhlanje abanye babo bazobe bekuveza bukhoma lokhu emcimbini weSolezwe wokuhlomisa abesifazane, Intandokazi Women’s Club, ozobe usePremier Hotel, eMhlanga.
Emcimbini abophiko lwezokuvakasha esifundazweni, iTourism KZN bazophinde bacobelele imbokodo ngamathuba ebhizinisi akhona kulo mkhakha.
Ibhizinisi ukuze lisebenze kahle lidinga uhlelo oluqondile lokusebenza nolwabasebenzi.
Ukuchuma kwalo kusekutheni abasebenzi balo bayawuqonda yini umsebenzi okumele bawenze, banamaphi amagalelo, isipiliyoni nentshisekelo.
Namhlanje sihlonipha abasebenzi abasemkhakheni wezokuvakasha abasezinhlakeni ezehlukene, okuyibona abamise izikhungo namabhizinisi afana nawabesifazane esigabise ngawo engosini edlule.
UPearl Mkhabela oyiGuest Relations Liaison ehhotela eliseMhlanga, iProtea Fire & Ice, umuzwa ekhuluma ukuthi umsebenzi awenzayo usegazini kuyena futhi uyaziqhenya ngawo.
Umsebenzi wakhe ngowokuqikelela ukuthi izivakashi ziphatheka kahle ehhotela, zithola konke ezikudingayo futhi uzinika imininingwane nolwazi ezikudingayo.
“Okubalulekile kulo msebenzi yikhono lokukwazi ukuxhumana ngendlela nezivakashi, isineke sokuqinisekisa ukuthi ziyagculiseka ngaso sonke isikhathi, uthando nolwazi lwezokuvakasha,” kusho uPearl, oneziqu zeTourism Management.
Uthi kumele ube ngumuntu ohlale ezimisele ngokufunda izinto ezintsha futhi owaziyo nangezinto ezenzeka emhlabeni ukuze uzokwazi ukuxhumana ngendlela nezivakashi eziqhamuka ezindaweni nasemazweni ahlukene.
Uma kukhulunywa ngokuqonda izibiliboco ezithokozelwa yizivakashi, usuke usumthinte emanonini u-Amanda Ngcobo.
Usebenza endaweni edonsa izivakashi maphakathi nesifundazwe, iChocolate Heaven, lapho eyi-Assistant Manager khona.
“Ngiwuthanda kakhulu umsebenzi wami. Ungihlanganisa nezinhlobonhlobo zabantu, engingakaze ngicabange ukuthi ngingahlangana nabo. Engikuthanda kakhulu wukuthi izivakashi zethu zifike zifice izinto ebezingakaze zicabange ukuthi zingenziwa wushokoledi. Ngivula amehlo ezivakashi ngokuthi yini ezingayenza ngoshokoledi, njengokuwuxuba nomqwayiba noma noshizi okuyinto emangaza abaningi,” kusho u-Amanda, othi uma ufuna ukwazi ngoshokoledi, unezimpendulo.
Emkhakheni wezokuvakasha kubalulekile ukuba ngumuntu wabantu futhi kubekhono nobuhlakani bokuxhumana, okwenza ukuthi ukwazi ukuxhumana nezivakashi ngendlela nangezinga elifanele.
Usho njalo u-Avela Fundama, oyiReceptionist ehhotela iMount Shekinah, eseBalgowan, maphakathi nesifundazwe.
Owakhe umsebenzi ngukwamukela izivakashi ezisuke zikuleli hhotela, bese ezixhumanisa nezinsiza ezehlukene ezilethwa ngozabo.
“Ngiyakuthanda ukuhlangana nabantu abahlukene abasivakashelayo okwenza umsebenzi wami ube lula kakhulu ngoba izivakashi zingifica njalo ngizivivele,” kusho u-Avela.
UPhelisa Mangcu noNkululeko Hlongwane bangubufakazi bokuthi ubucwi obuhle ngobuhamba ngabubili.
Le mbokodo isanda kuqokelwa ezikhundleni ezibalulekile zohlaka lwezokuvakasha, olusanda kubunjwa eningizimu neKZN, iSouth Coast Tourism and Investment Enterprise, ebhekele ukuthuthukisa isifunda igadla ngezokuvakasha.
UPhelisa uyisikhulu esiphezulu kulolu hlaka, kuthi uNkululeko abe yi-Investment and Development Manager.
Uza namagalelo abanzi nasezingeni lomhlaba uPhelisa njengoba esebenze eWashington DC, e-USA naseJHB Tourism, ukubala izinhlaka ezimbalwa asesebenze kuzo.
“Ngizizwa ngithobekile ukungena kulesi sikhundla esingivulela ithuba lokusebenzisana nosomabhizinisi bendawo kwezokuvakasha nezinye izinhlaka esifundazweni nakuzwelonke, ukuqinisekisa ukuthi sigqamisa ugu oluseningizimu esifundazweni,” kusho uPhelisa.
Uzakwakhe uNkululeko unesipiliyoni seminyaka engu-16 emkhakheni wezinhlaka zokuthuthukisa umnotho.
“Esifuna ukukuqinisekisa ngukuthi ugu oluseningizimu neKZN luvula ithuba lamabhizinisi, luhehe nabatshali bemali. Sifuna ukuheha abatshali bemali bakuleli nabakwamanye amazwe,” kubeka uNkululeko.