Sebelinde kufike usuku lomcimbi bese ziyaduma emcimbini womjaho wamahhashi waminyaka yonke, ohambisana nemisiko yengqephu nobumnandi, iDundee July, ozoba seDundee Racing Track eDundee, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngoMgqibelo.
Owethimba elihlela ingqephu yomcimbi, uMnuz Xolani Zulu, uthe konke sekuhlelekile ngemfashini yomcimbi, ngaphansi kwendikimba yalo nyaka ethi African Jewel.
Uthe njengenhlalayenza, ingqikithi yabo i-African Jewel, elama eyangonyaka odlule i-African Royalty, izosetshenziswa iminyaka emithathu kusuka manje ngaphambi kokushintshwa.
“Kusasa (esho namhlanje) sizokwenza inhlolokhono yokuhlunga abakhangisi bengqephu abawu-20, abesilisa nabesifazane, abazokhangisa ngemisiko ehlukene ngosuku lomcimbi.
“Asinambandela weminyaka, sibheke noma wubani othanda imfashini nokumodela, futhi sivuleleke ngisho kwabathandana nabobulili obufana nobabo nabakhubazekile,” kusho uZulu.
Eqhuba, uthe emcimbini kuzobe kunabasiki bengqephu abayisithupha ababamemile abazokhangisa ngengqephu okuwuThobile Mbhele, Sinenhlanhla Paul, Mthunzi Mthembu, Gugu Bhengu, Makhosi Ntshangase noPhilani Mbhamali.
‘’’Ngosuku lomcimbi sizoqoka abasiki bengqephu abawu-150 esizohlunga abawu-10 kubona abazoqhubekela phambili emncintiswaneni esizowenza ngalelo langa. Kulabo sizoqoka abathathu abazohlabana ngesicoco se-Best Men’s wear, Best Women’s Wear ne-Best Creativity, bese behlabana ngoR10 000 ngezilokotho zebhange Ithala, umuntu ngamunye,“ usho kanje.
Uthe kukhona neminye imiklomelo ezokhishwa ngosuku lomcimbi ezokhishwa yiMTN noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko ukujabulisa abantu abazobe bethamele umcimbi.
IMeya kaMasipala wesifunda uMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, ithe konke kumi ngomumi ngalo mcimbi ozobe wenziwa okuka-19 kulo nyaka njengoba waqala ngo-2005.
Uthe izinhlelo zawo ziqale ngoJulayi 10 ngohlelo lokucija intsha ngezemfundo, okuzolandelwa yizinhlelo zobumnandi ngoLwesihlanu ukwendlalela usuku olukhulu.
“’Izindawo zokulala zaseDundee sezigcwele kumanje kanti sibheke ukuthi izivakashi zisize ukufukula amabhizinisi, futhi sikhuthaza abantu ukuba bazojabula nathi,”’ kusho uNgubane.