UKUNUKA komlomo isimo esijwayelekile eseyamaniswa nokungaxubhi kodwa ongoti benhlanzeko yomlomo bathi kuyenzeka singadalwa ukuthi awuxubhi kodwa sidalwe ukudla okudlayo nezinye izimo.
Ongoti bezempilo bathi ezinye izinto ezivame ukudala iphunga emlonyeni ngaphandle kokungaxubhi ukudla okuthile, umlomo owomile noma izimo zempilo kodwa akhona amakhambi abantu abangawazama ekhaya ngaphambi kokuya kodokotela.
UDkt wamazinyo, uDkt Nompilo Ndwalane, uthe: " Abantu abaningi bahlala ibematasatasa, kuyenzeka bakhohlwe ukuxubha ngaphambi kokuyolala okuyiphutha elikhulu. Ukuxubha kususa kahle izinhlayiya zokudla ezinamathele emazinyweni nasonqenqemeni (plague). Lezo zinhlayiya zinomthelela ekwakhekeni kwamagciwane adala iphunga. Ukukhohlwa ukuxubha kungaholela ekutheni amagciwane emlonyeni ande, okuholela ekutheni umuntu ekuseni abe nephunga elibi,"
Uqhube wathi okunye okudala ukunuka komlomo ulimu ngoba luyikhaya lamagciwane ngakho kubalulekile ukuthi umuntu avame ukuluhlanza.
Uthe ukudla okungadala iphunga elibi kuvamise ukuthi kube u-anyanisi no-garlic okuvame ukudliwa ngabantu begwema izifo ezithile kodwa abanye abantu abaseduze naye bezwa iphunga elibi.
Isifo sikashukela esidala ukungagayeki kukashukela egazini i-diabetes mellutus, i-sinusitis zingezinye zezifo ezidala ukunuka komlomo.
Uthe ungasebenzisa izinsiza zokuhlanza ulimi noma i-cotton pad ene-glycerine ukuze uhlanze ulimu lwakho kahle. Lokhu akusizi nje ukugcina ulimu lwakho lunombala opinki onempilo kodwa futhi kunciphisa ukunqwabelana kwamagciwane emlonyeni.
Amathiphu okuhlanza ulimu: Hlanza ulimu lwakho njalo ekuseni ngaphambi kokudla noma ukuphuza. Yiba mnene, gwema ukukhuhla ngamandla, ngoba lokhu kungalimaza ulimu lwakho. Gxila ngemuva kolimu lwakho lapho amagciwane ejwayele ukunqwabelana khona.
I-Mint mouthwash:
Bilisa amaqabunga e-mint emanzini, uwayeke aphole, futhi uyisebenzise njengokokugeza umlomo izikhathi eziningana ngosuku. I-Mint inezithako ezibulala amagciwane futhi ishiya ukunambitheka okuqabulayo emlonyeni.
Ukugeza umlomo ngolamula noju :
Hlanganisa ithisipuni loju nejusi kalamula emanzini afudumele. Ubumuncu bukalamula bunganciphisa umoya omubi, uju lunezinto ezilwa namagciwane.
I-Eucalyptus oil mouthwash:
Faka amaconsi angu-2-3 kawoyela we-eucalyptus engilazini yamanzi angagcwele bese uhahaza imizuzwana engu-30. Amafutha e-Eucalyptus aziwa ngokunciphisa amagciwane.
Ukuphuza amanzi amaningi usuku lonke kugcina umlomo wakho umanzi futhi kunciphisa ukunqwabelana kwamagciwane adala iphunga.
- Phuza amanzi njalo, ikakhulukazi ngemva kokudla.
- Uma uzwa ukuthi umlomo wakho uyoma, thatha ingilazi yamanzi esikhundleni seziphuzo ezinoshukela noma ikhofi, okungase kuphazamise umlomo wakho owomile.
Ukuhlafuna imbewu ye-fennel noma ama-cloves ngemva kokudla kungasiza ukuvuselela umoya wakho kuthuthukise ukugayeka kokudla. I-fennel iyakwazi ukulwa namagciwane kwesinye isikhathi okuyiwo adala ukunuka komlomo.
Indlela yokusebenzisa imbewu ye-fennel ukuze uthole umoya unuke kahle: Hlafuna isipuni esincane sembewu ye-fennel ngemva kokudla. Ungakwazi futhi ukwenza itiye le-fennel ngokufaka imbewu emanzini ashisayo imizuzu embalwa bese uyiphuza ngemva kokudla.