ISEMBHIDLANGWENI wokuhambela izikole ezahlukene ngenhloso yokulekelela abafundi abavela emindenini entulayo ngezicathulo nangemifaniswano yesikole, inhlangano yabangcwabi i-South African Funeral Practitioners Association (SAFPA).
Lokhu kuqinisekiswe yiloyo ongusihlalo wale nhlangano, uMnuz Sihle Magudulela, ngesikhathi behambise izicathulo nemifaniswano yesikole kubantwana abangu-70 esikoleni samabanga aphansi iNtuzuma Primary.
Uthe lokhu bakwenza ngoba bayinhlangano yabangcwabi eyihloniphayo imfundo futhi eyaziyo ukuthi kusho ukuthini ukubekwa eqhulwini kwemfundo.
UMagudulela uthe ngemuva kokuba beqaphelile ukuthi uma bengcwaba baye bahlangabezane nemindeni okubonakalayo ukuthi iyantula, babe sebevumelana ngokuthi kubunjwe inhlangano eyethiwe elokuthi yiKZN Foundation, ezokuba wuphiko lenhlangano yabangcwabi kodwa ezobhekelela imindeni entulayo.
Uthe okuseqhulwini kubona ukubona abafundi - ikakhulukazi abangojahidada - befunda kahle ngaphandle kokweswela umfaniswano nezicathulo.
"Sifuna ukuqinisekisa ukuthi senza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kukhona esikwenzayo mayelana nokulekelelwa kwabantwana abavela emindenini entulayo,'' usho kanje.'
Ongumxhumanisi wale nhlangano nomphakathi, uMfu Philani Gama, uthe okwaholela ekutheni baqale lolu hlelo, ukuqaphela uma bezofihla ukuthi ikhona imindeni edinga ukusizakala.
''Sabe sesivumelana ngokuthi senze inhlangano okuyiyona ezosetshenziselwa ukunakekela abantulayo,'' usho kanje.
Uveze ukuthi abagcini nje ngokuthi banikele ngezicathulo kuphela kodwa bananohlelo olubizwa ngeRhoda lapho abakhipha khona nemifundaze kubafundi abanentshisekelo yokuqhuba izifundo zabo emanyuvesi.
Uthishanhloko waseNtuzuma Primary, uNkk Lindiwe Ntuli, uthe kuyabajabulisa kakhulu ukubona kuba nezinhlangano eziphonsa itshe esivivaneni uma kukhulunywa ngokulekelwa kwabafundi abavela emindenini entulayo.
Uthe lesi sikole sifundisa abafundi iningi labo elivela emindenini entulayo.
"Ngenxa yaleso sizathu kumqoka kakhulu ukuba sibalekelele abafundi ngezinto okubonakalayo ukuthi abakwazi ukuzithola emindenini abavela kuyona,'' usho kanje.