KUTHIWA inkulu injabulo kwabanye babasakazi boKhozi FM kuvela izindaba zokuxoshwa komphathi walesi siteshi, uSbongi Ngcobo, ngoLwesibili ntambama.
Izolo, i-SABC iqinisekise izindaba zokuthi usule isigubhukane uSbongi ekhala ngokudicilelwa kwakhe phansi kwabezindaba ngisho ezinkundleni zokuxhumana.
Muva nje, Isolezwe libike ngokushiya kukaPearl Maseko-Binqose naye okuthiwa ukhale ngesandla sensimbi uSbongi asebenzisana ngaso kulo msakazo.
Umculi kamaskandi uKhuzani, naye uphumele obala wathi kulo msakazo akasadlalwa njengoba i-albhamu yakhe ethi Aliboli Icala, ize yaqala ukudlalwa ngo-Ephreli noma ngoMeyi nonyaka kulo msakazo.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi ngoLwesibili ntambama, uSbongi ubonakale eqoqa ehhovisi lakhe njengoba ebesethole umyalelo wokuthi uyaxoshwa emsebenzini.
“Uxoshiwe uSbongi, ngoLwesibili ntambama. Kungakho izolo bese kubizwa abasebenzi khona ngaphakathi bezotshelwa indlela eya phambili. Okumkhiphe ngesango izikhalo zakamuva ezibhalwe uTshatha noPearl owashiya engalazi kubaphathi bembizile ngemuva kokufaka incwadi yokwesula.
“UTshatha naye ubiziwe abaphathi kuthiwa akazochaza ngalokhu akubhalile, njengoba ekhale ngokuthi akasebenzi kahle uSbongi. UTshatha watshelwa uSbongi ukuthi enze isikhangiso njengoba kuthungathwa umsakazi wohlelo uSigiya Ngengoma. Lokho akumphathanga kahle uTshatha ukuthi akhankasele umuntu ozothatha umsebenzi wakhe, nokwabenza bangazwana noSbongi waze wamsongela,” kuchaza umthombo.
Uthe noPearl kwaba esifanayo njengoba abaphathi bambuza imbangela yokushiya kwakhe naye wakhala ngokungasebenzi kahle.
“UPearl wayekhala ngokugxambukela kukaSbongi ngisho la kungadingeki khona. Ubenza umuntu angazizwa ewumphathi futhi enze lokho akuqashelwe, ebefuna ngaso sonke isikhathi kube izwi lakhe eligcinayo,” kuchaza umthombo.
Isolezwe liphinde lahabula ngomthombo walo ukuthi abanye abasakazi kubajabulisile ukusula kukaSbongi njengoba indlela isimo ebesesisibi ngayo ngaphakathi besekungasebenzeki kahle.
“Kukhona abakhale izinyembezi kuvela lesi simemezelo, kodwa abanye nami nje sijabule kakhulu, siyathemba kuzolethwa umuntu ozokwazi ukusisebenzisa kahle angasithwalisi uthayela,” kuchaza umthombo.
Okhulumela i-SABC uMmoni Seapelo uthe.....
Imizamo yokuthola uSbongi ukuthi aziphawulele ngalolu daba ayiphumelelanga njengoba umyalezo athunyelelwe wona engawuphendulanga.
Isolezwe lithole ukuthi uSbongi wayifaka ngo-Okthoba 31 incwadi yokwesula yize lezi zindaba zivela manje.
Emsakazweni Ukhozi FM kuvele ukuthi uzogcina ekupheleni kwale nyanga.
Oshicilelweni lwayizolo Isolezwe libike ngokubhoka komsakazi wohlelo i-Dankie 1223, uZimiphi “Zimdollar” Biyela okuthiwa ubekhalaza ngokuthi abalaleli abehlukane noSbongi. Umbiko uveze nokuthi uZimdollar uke wafaka umlayezo kubalingani bakhe, ebabuza ukuthi kungani bengamvikela ekuhlaselweni okungenabulungiswa okuvela kubalaleli?