SIQALILE isikhathi sobumnandi nokuphola, kanti nemicimbi ithe chithi-saka. Ungabi yilo mjita ofika emcimbini ephethe ugologo kodwa dololo ideshi, hhayibo bazokwenzenjani abantu, bazodesha ngonembeza?
Khululeka ngoba sekunesiphuzo esisha esingenisayo futhi sifika vele sesideshiwe, okwakho ukuthi fa amaqhwa bese kuyaqonda.
AbeSamuel Gelston's Irish Whiskey South Africa sebekhiqize isiphuzo esisha esideshiwe. Lena i-whiskey efika isithakwe kahle, futhi kunezinhlobo ezimbili ongakhetha kuzona.
Kukhona ethakwe nge-apula nethakwe ngeLime-soda. Lesi siphuzo sithandwa kakhulu abantu abasebasha abafuna okuhlukile kunobhiya nama-cider.
Ukwazi kangcono ngalesi siphuzo, landela ikhasi laso kwiFacebook https://www.facebook.com/GelstonsIrishSA