UHLASELWE wumphakathi wamgxoba ngamatshe waze wafa owesifazane okuthiwa unqume ingane eneminyaka emibili waphuza igazi layo eMkholombe, ePort Shepstone, ngoMsombuluko.
Isidumbu sikaPhumelela Qhoboshiyane kuthiwa sitholwe sigxishwe ebhakedeni sihlukaniswe nekhanda emjondolo okuqashe kuwo umngani kamsolwa, okukholakala ukuthi bebesebenzisana ukugila lo mkhuba.
Ingane kuthiwa ibidlala emnyango nomzala wayo oneminyaka emine ngesikhathi kufika owesifazane eyiheha ngokuthi uyomthengela ama-chips, wayibeletha wahamba nayo.
Elandisa Isolezwe, uMnuz Nhlanhla Somhlaba osekomitini elilwa nobugebengu endaweni, uthe owesifazane amaziyo oqashe umjondolo khona endaweni, kuthiwa nguyena othumbe uPhumelela (ingane) wamdlulisela kumngani wakhe obevakashile. Kuvela ukuthi ubonwe womakhelwane elola ummese ngesikhathi esele endlini.
“Owesifazane othathe ingane uyaziwa endaweni njengoba ubesenesikhathi eqashe umjondolo kanti kuthiwa ungowase-Port Edward. Kuthiwa ingane uyidlulisele kumngani wakhe okuvela ukuthi ungowase-Eastern Cape, okuthiwa ubevakashile, okuwuyena otholwe nesidumbu,” usho kanje.
Uthe ithumba liqhumbuke ngesikhathi omunye womakhelwane kulo mqasho ebona owesifazane oqashile engena nengane endlini. Kuthiwa uphumile, okuthe emva kwesikhathi kwaphuma umngani wakhe ovakashile wavala umnyango esegqoke ezinye izingubo abengazigqokile. Ebuzwa abebekhona, kuthiwa uthe useyahamba ubuyela kwelakubo.
Indodakazi kamastende imbone egqoke izingubo zayo eyayizishiye endlini yabo, yamcela ukuthi azikhumule. Kuthiwa umsolwa ungene endlini wavala umnyango okuphoqe ukuthi indodakazi kamastende itibule iwuvule ngenkani. Kuthiwa izithele phezu kwegazi ebelisebhakedeni. Kuvela ukuthi ngesikhathi ebuzwa, uthe elikamnikazi wendlu amvakashele, ubephuphunyelwe yisisu, kukhona lapho asaphuthume khona.
Kuthiwa indodakazi kamastende ibikele umakhelwane, okuthe bebuya igazi ebelisebhakedeni lingasekho. Uma bembuza kuthiwa uthe uliphuzile, nokuyilapho behlabe umkhosi beshaqekile, kwafika amalungu omphakathi athola ikhanda lengane emgodleni abewupakishele ukuhamba nawo.
Kuthiwa ngesikhathi epequlula, aphinde athole isidumbu sengane esingenalo ikhanda sivalelwe ebhakedeni sambozwa ngengubo yokulala okuyilapho egxotshwe ngamatshe waze wafa.
Unina omncane kaPhumelela, uNksz Thami Qhoboshiyane, uthe ingane iduke ngabo-10 ekuseni, kodwa kuthe ngabo-3 ntambama, bathola umbiko wokuthi kukhona isidumbu sengane esitholwe emiqashweni ebuqamama nalapho behlala khona.
“Ngesikhathi ngifika, amalungu omphakathi abeqhubeka nokushaya lo wesifazane. Ngikhonjiswe indlu enesidumbu sengane, ngithe uma ngingena ngazithela phezu kwekhanda libekwe ngasemnyango. Ngibone isidumbu sisesebhakedeni sisele ngentamo, okuyinto namanje okuthi uma ngiyicabanga ngifikelwe ukwesaba kakhulu,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi umsolwa eshaywa wumphakathi, uthe uthunywe izangoma ezikhona endaweni afe engakawavezi amagama azo. Kuthiwa ngesikhathi bemshaya uveze ukuthi noma bangambulala kodwa baningi endaweni abenza lo msebenzi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ase-Port Shepstone, aphenya icala lokubulala emva kokuthi owesifazane otholakale nezicubu zesidumbu sengane eshaywe wumphakathi waze wafa.