KUKHALWA zinkalo zonke kushona umsakazi woKhozi FM, uNondumiso Shazi okuthiwa uxinwe yikhanda lagcina limthathile.
Izindaba zokushona kwalo msakazi waseChatsworth nobethula uhlelo lwezingane iVumelani Abantwana beze Kimi, ziqale ukusabalala ngoLwesine.
Omunye wabasakazi boKhozi FM, uPhindi P, uthe uphatheke kabi kakhulu ngokushona kukaNondumiso njengoba kunguyena owamvulela iminyango emsakazweni Ukhozi FM.
“UNondumiso ngahlangana naye esontweni abekhonza kulona ngesikhathi ngivakashele khona. Ngigcine sengimumema ukuzoba nezingxoxo naye emsakazweni, ngase ngimcelela emsakazweni ukuthi asetshenziswe kanti bazomthanda bagcina bemthathile ohlelweni iVumelani Abantwana Beze Kimi. Ubengumsizi womfundisi ebandleni lakhe kuphinde kube nguyena othwebula nezithombe uma kunezinkonzo kanti ubephinde afundise noSontosikole wasebandleni lakhe. Ubengumntwana okhuthele kakhulu nami ngaqaphela ukuzikhandla kwakhe nokuba nentshisekelo yokuya phambili. Benginethemba lokuthi usazokhula ashintshe nesimo sekhaya lakubo,” kusho uPhindi P.
UMbhishobhi Bhekokwakhe Buthelezi weRestoration and Worship Centre International, eThekwini, lapho bekukhonza khona uNondumiso, uthe ulahleklelwe kakhulu.
“Uphathwe yikhanda elibi eligcine limfake esibhedlela. Esesibhedlela kutholakale ukuthi uneMenengitis. Ayiphelanga inyanga esesibhedlela kwamanela. Ngilahlekelwe kakhulu futhi kulukhuni nokwamukela ukuthi akasekho. Ubeseyinjini ebandleni futhi angiboni ukuthi ukhona ongakwazi ukuvala isikhala sakhe. Uyena obazi wonke amaphepha athinta ibandla aphinde afundise noSunday School, nazo zonke nje izinhlelo zebandla bezenziwa uyena. Ngibonga nakuPhindi P owamvulela indlela yokuthi angene oKhozini,” kusho uMbhishobhi Buthelezi.
Oyinhloko yezokuXhumana eSABC, uMmoni Seapolelo, uthe okwamanje akukho abazokuphawula ngokudlula kwalo msakazi emhlabeni ngenxa yokuthi abakaxhumani nomndeni wakhe.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bebelokhu bebabazile ngokudlula kwalo msakazi njengoba elandela abaningi abasanda kushona. Kubona kubalwa u-Irvin Sihlophe oshone sekuyophela unyaka odlule, uBheka Mchunu oshone ngoMashi nonyaka noZanele Mbokazi Nkambule oshone ngoMeyi nonyaka.