LINGASE ligaye ngomunye umhlathi uma kuphasiswa umthetho wezemishado njengoba abesifazane abakipitile sebefuna ukuvikelwa ngumthetho, bangaphumi bezishayela uma ucu lungasahlangani noma sekushona omasihlalisane babo.
Bafuna kube nesigatshana emthethweni esizobanika ilungelo lokuthi bathole indlu nezingane uma kukhona okwenzekayo ngoba basuke bechithe isikhathi sabo kulowo mkipito.
Lezi ngezinye zezinto ezigqamile eziphakanyiswe ezigcawini ezehlukene, zokuthola imibono yomphakathi wasesifundazweni iGauteng kuleli sonto.
Ikomiti loMnyango wezaseKhaya ePhalamende lisemkhankasweni wokuthola ukuphawula komphakathi ngoMthethosivivinywa wezemishado.
Njengoba kuphothulwe izigcawu eGauteng, ngonyaka ozayo lizoqhubeka nazo kwezinye izifundazwe.
USihlalo wekomiti, uMnuz Mosa Chabane, uthe iphuzu lokuthi abakipitile kufanele bahlomule, ngelinye ebelisematheni eGauteng.
Uthe bakhale ngokuthi njengoba kulezi zinsuku imishado kuyilanga elingashisi noma ngubani, kubalulekile ukuthi bangaphumi beshwiba izandla abesifazane nezingane uma kuhlukanwa.
“Bakhale ngokuthi bagcina besele dengwane nezingane zabo uma kwenzeka kuhlukanwa yingakho befuna umthetho ubabhekelele ngesigatshana esizothinta umuzi kanjalo namanye amalungelo njengoba kwenzeka kulabo abasuke beshadile. Lesi siphakamiso sizosibheka uma sesihlanganisa yonke into ethinta imibono yomphakathi,” kusho uChabane.
Uthe kuhlukane imibono kwezinye zezinto ebeziphakanyiswa njengoba abanye bebethi akunyuswe iminyaka yomuntu ovumeleke ukushada ibe ngu-18, abanye bethi ayibe ngu-21, kanti abanye bathe ayibe ngu-25.
“Abanye bebethi mncane umuntu ona-18 ukuthi angavunyelwa ukushada ngoba usuke esafunda. Abanye bebethi akube yicala ukushada nengane engaphansi kuka-18.”
UChabane uveze ukuthi abanye bebefuna kubekwe imigomo ethile ezobhalwa phansi ngaphambi kokuba kuphothulwe ezithinta umshado wasesithenjini.
“Kuphakanyisiwe nokuthi kumele kuqiniswe umthetho kulabo abafuna ukushada abantu bangaphandle. Bafuna kulindwe isikhathi esingangonyaka, kwenziwe nophenyo olunzulu ngaphambi kokuba kugunyazwe lo mshado. Abanye bathe kumele kwakhiwe amathuba emisebenzi ukuze abantu bakuleli bangajahi ukushada nabantu bangaphandle ngoba befuna imali,” kuqhuba uChabane.
Uthe abanye bakhale ngokuthi uMthethosivivinywa wezemishado awusho lutho ngosiko lokuthwalwa kwabesifazane, abathathwa ngenkani emakubo beyoganiswa.
“Abantu abaningi bathe kumele lichithwe leli siko ngoba liphoqa amantombazane asemancane ukuthi ashadiswe ngenkani nabantu abadala.”
UChabane uthe bafuna kube nomthetho owodwa ozolawula imishado futhi uhlanganise amasiko nezinkolelo zezenkolo ezehlukene.
Uveze ukuthi abezenkolo bayakuchitha ukuthi umthetho ube wodwa bakhala ngokuthi uzobukela phansi amanye amasiko nezenkolo.
“Abanye bakhala ngokuthi abasebenzi boMnyango wezaseKhaya ngeke besakwazi ukunqaba ukushadisa abantu ngoba bengahambisani nezinto abakholelwa kuzona. Lokhu bakubona njengokuthi kushaywa indiva izinkolelo zabo.”