AMAQEMBU aphethe ngokubambisana uhulumeni KwaZulu-Natal azifanise nephupho izinsongo zeMK zokuhlwitha uhulumeni wesifundazwe.
I-IFP, ANC, DA neNFP bathe iMK angeke ize iwuphathe uhulumeni wesifundazwe. Wonke la maqembu athe uhulumeni ophethe isifundazwe awuyi ndawo.
Lokhu akusho ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano esiShayamthetho izolo.
Inkulumo mpikiswano ibigxile ekubhekeni umsebenzi owenziwe uhulumeni wesifundazwe kusukela wasungulwa ezinyangeni ezine ezedlule.
Amalungu eMK asebenzise le nkulumo mpikiswano ukuveza izifiso zawo zokuphatha uhulumeni wesifundazwe.
IMK iyona enezihlalo eziningi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Ilungu leMK, uMnuz Mervyn Dirks, lize laveza nokuthi bazimisele ukusebenzisana ne-ANC.
“Sizimisele ukusebenza ne-ANC kulesi siShayamthetho inqobo nje uma i-ANC izoqhamuka nohlelo olubambekayo lokuthuthukisa abantu baKwaZulu-Natal. Ningawubanga nje umsindo nize nigcine lapho nithanda khona kodwa iqiniso ukuthi iMK izophatha maduze lapha KwaZulu-Natal. Kusele kuyona i-ANC ukuthi iyavuma yini ukubambisana nathi.”
Ilungu le-ANC, uMnuz Mafika Mndebele, lithe angeke nangeshobolo baze basebenze neMK.
UMndebele uthe iMK iphethwe umkhapheli, wafanisa umholi wayo, uMnuz Jacob Zuma, noJudas Iscariot owajikela uJesu.
“UZuma wajikela i-ANC okuyiyona eyamnikeza isikhundla. UZuma wajikela amakhosi, wajikela nabantu baseNingizimu Afrika. Manje uZuma usejikele i-EFF. Wathi kwabe-EFF akube nobumbano kodwa namhlanje uwola bonke abaholi be-EFF.”
Ilungu le-IFP, uMnuz Mntomuhle Khawula, lithe isifana nenganekwane eyokuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal uzokhishwa emandleni.
UKhawula uthe labo abaphikisana nohulumeni wokubambisana baqala bathi uzophatha izinsukwana.
“Bashintsha bathi uzohlala amasonto nje ambalwa. Bathi besuka babethi angeke uyiqede inyanga. Zinhlanu izinyanga manje futhi siyaqhubeka nokusebenza kahle. Bayoqhotha baze bafike kwaMtshekula labo abalinde ukuthi ubhidlike uhulumeni ophethe isifundazwe.”
Ilungu leDA, uMnuz Martin Meyer, lithe abeMK kufanele bakwamukele ukuthi abazange bathole izihlalo ezanele ukuthi baphathe uhulumeni waKwaZulu-Natal.
UMeyer ululeke abeMK ukuba balinde ukhetho oluzayo, oluzokuba ngo-2029, babone ukuthi angeke yini bathole amavoti anele ukuthi babuse ngokuzimela.
“Angiboni-ke kodwa ukuthi kukhona abantu abazovotela iqembu elingawuhloniphi uMthethosisekelo ukuba liphathe.”
Ilungu leNFP, uNksz Mbali Shinga, nalo lithe angeke basebenze neMK.