USELE nemibuzo engenazimpendulo umndeni kasomabhizinisi odumile KwaMashu nezindawo eziwakhele, uthola ngokubulawa kwakhe ngesihluku ngeSonto.
Isidumbu sikaMnuz Mandla Sibaya (54) obedutshuliwe, kuthiwa sitholwe sigamanxe ngaphandle kwemoto yakhe ebishile ngaphakathi eBhambayi, eNanda, kwabikelwa amaphoyisa.
Umufi ubengowakwa-N, KwaMashu, kanti ubenesitolo esidume iminyaka endaweni iMasakhane, aphinde adayisele ezinye izitolo amaqanda KwaMashu, Ntuzuma naseNanda.
Kuthiwa esitolo sakhe ubenomuntu omdayisela khona bese kuthi ebhizinisini lamaqanda azibambele yena mathupha.
Kuvela ukuthi kusukela ngeminyaka ka-2000 ubehamba phambili ezinhlakeni ezilwela amalungelo osomabhizinisi basemalokishini, aphinde abe umxhumanisi phakathi kwabo nezinhlaka zikahulumeni. Kuthiwa ubebuye alekelele bonke abasafufusa emabhizinisini ekutheni basimame.
Udadewabo, uNkk Hlengiwe Sibaya-Mchunu, uthe namanje basenemibuzo kokubulawa kukamfowabo ngesihluku.
Uthe izihlobo ziqale ukuqaphela ukuthi unyamalele ngoLwesihlanu emini ngesikhathi zingamtholi kumakhalekhukhwini.
“Kwathi kuhlwa, umndeni wawusukhathazekile ngokuthi ucingo lwakhe luvaliwe, okuyinto engajwayelekile, naye futhi engabonwa,” kusho uNkk Sibaya-Mchunu.
Uthe baqala basabalalisa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bacela ukucingiswa, baya nasemaphoyiseni ukuyobika.
“NgeSonto, sithole ucingo emaphoyiseni aseNanda, ethi asiyobheka emakhazeni kahulumeni ePhoenix ngoba kukhona umuntu ongaziwa otholwe ebulewe emotweni eBhambayi. Sifike sathola ukuthi wuye ngempela,” usho kanje.
Uthe namanje basazibuza ukuthi ubani lona obenenhloso yokumenzakalisa ngesihluku.
“Indlela abewusizo ngayo emphakathini, kosomabhizinisi nasesontweni. Wonke umuntu, omdala nomncane ubazi ukuthi uma eza kuye, uzoluthola usizo alufunayo. Simangele. Kuzo zonke izihlobo zethu, uyena muntu esasingakaze siphuphe ukuthi angahamba ngesandla somuntu,” usho kanje.
Uthe ngisho nasebandleni, i-Methodist Church of Southern Africa, kusukela emncane ubephambili ezinhlakeni ezehlukene zebandla.
Uthe ushona nje ubesanda kuqokwa njengeGosa leSekethe i-Ntuzuma-Verulam.
“Sinemibuzo eminingi ngokubulawa kwakhe. Siyazibuza ukuthi ingabe ubulawe ubani, ebangani naye?” kubeka uNkk Sibaya-Mchunu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala kulandela ukutholwa kwesidumbu sikamufi ongaziwa sinenxeba lokudutshulwa emotweni ebisemfuleni.