SEKUMI ngomumo ngoMbuso Wamaciko Maskandi Festival ozoba seWorkshop eThekwini, ngoMgqibelo, njengoba sekumenyezelwe ukuthi kuzoqala ingoma kaShameni kudlana imilala amagosa nengoma yamanyuvesi ehlukene.
Umsunguli walo mcimbi, uGeh Ngcobo, uthe kuzoqala ingoma kaShameni kusuka ngo-10 ekuseni kuze kushaye u-4 ntambama, bese kuqala uhlelo lomaskandi.
Uthe njengoba bezobe beqhathe amagoso namanyuvesi, bafuna ukubona ukuthi ubani inkunzi kubona.
Kumaqembu engoma namanyuvesi azobe ebulalana ngengoma kukhona ezika-2 Bullet, EzikaMthakashana, Qhawekazi, Amabholwane, Team Orange, Izinsizwa nezintombi zase-UKZN, izinsizwa nezintombi zaseMUT, Ezikahlehlile nezikaSalabesho (Ezikasiyeza).
UMphathiswa wezeMidlalo, amaCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMtomuhle Khawula, uthe inkundla iWorkshop isikulungele ukuthi kusingathwe lo mcimbi njengoba umnyango wakhe ungabaxhasi bomcimbi. Uthe ukucula KwaZulu, yinto yakhona ngoba noma kunzima, kumandi, kukhalwa, abantu becinezelwe kodwa baphila ngokucula.
Kulo mcimbi okungenwa mahhala kuwona, kuboshelwe zonke izintandokazi zabaculi ongabacabanga kumaskandi, okukhona kubona Igcokama Elisha, uBuselaphi, uGatsheni, uNtencane, uMayoghurt, uMbeje, uMjolisi, uSaliwa, uKhaza, uNgena, uLuve, amaSap, uNdoni, uMjikijeli, uMzukulu kaShafuza, uMsminofu, uDumakahle, Inkosi yamaGcokama, Bahubhe, amaYellow Bones, Lagxabha, Jaiva Zimnike, Mafikizolo, Dulas, Skweletu, Limit, Quality, Mkhathazi, Amageza Amahle, uMnyovu, uMaganga, uGcabashe, Amavikela Mbuso, uMlabalaba, Shwi Mantombazane nabanye.
Yize kungenwa mahhala kulo mcimbi kodwa amathikithi ezicukuthwane abiza u-R850 ithikithi lilinye. Kwabafuna ukubhukha itafula labantu abayishumi bakhokha u-R12 000. Kulolo hlelo baxhumana nabahleli boMbuso wamaCiko ngokuya ekhasini iGezani Media Productions kwiFacebook, bese bethumela umyalezo.
Kulindeleke ukuthi kuphume nesinedolo ukuza kulo mcimbi njengoba kuvuleleke wonke umuntu ukuthi eze kuwona kanti namaphoyisa azobe ekhona eqaphe ezokuphepha.