ZIBHEKENE nezinkinga iziteshi zomphakathi zaseThekwini okukhona kuzo esizinze KwaMashu, iVibe FM nesaseNanda, iNanda FM.
Sekuphele isonto lesibili umsakazoiVibe ingekho emoyeni kungacaci ukuthi kwenzakalani.
Imithombo engaphakathi kulo msakazo iveze ukuthi izinkinga ezithinta imali yizona eziholele ekutheni kuvalwe ukuzwakala kwalo msakazo emoyeni.
“Abasebenzi abaholi, imali ayikho, isiteshi asikhokhelwe kwaSentech, kungakho sila sikhona manje. Okubuhlungu wukuthi abasakazi nawo wonke umsebenzi asitshelwanga ukuthi sisazoma singezwakali emoyeni.
“Satheleka sizosebenza njengokujwayelekile kodwa safika kungasetshenzwa sezwa ngamahemuhemu ukuthi inkampani iyakweleta kwagcinwa lapho, namanje asazi ukuthi ngempela simi kuphi njengoba kusathulekile asitshelwa lutho,” kusho umthombo.
Omunye ushaye ngamafuphi wathikulo msakazo imali ayikho njengoba kukweletwa inkampani okuyiyona eyenza umsakazo uzwakale emphakathini.
“Kukweletwa angazi noma u-Icasanoma iSentech phakathi kwalezo zinkampani zombili,” kuchaza umthombo.
Isolezwe lixhumane nabasakazi abaningana balesi siteshi abanye abathe abathandi ukuphawula ngokwenzeka esiteshini.
Isolezwe lizamile ukuxhumana nomphathi walesi siteshi uLucky Dlamini ucingo lwakhe obelukhala lungabanjwa.
Umyalezo athunyelelwe wona kwiWhatsApp nawo ugcine ungaphendulwanga.
Imizamo yokuthola ukuphawula kweSentech okuyiyona ephethe ubuxhakaxhaka okwenza iziteshi zizwakale emoyeni ayiphumelelanga. Lo msakazo awuqali ukuvelelwa yizinkinga njengoba usanda kuphuma empini enkulu yokungakhokhi imali yokuqasha kubaphathi besikhungo iK-Cap.
Isolezwe NgeSonto like labika ukuthi umphathi weK-Cap u-Edmund Mhlongo uke wakhiyela abanikazi balesi siteshi amasango njengoba ebefuna imali yokuqasha obese kuphele izinyanga bengayikhiphi.
Khonamanjalo, kuthiwa abasakazi beNanda FM nabo bathole izincwadi ezibabikela ngokuthi imiholo yabo ngeke besayithola nyanga zonke njengoba bekwenzeka.
Umthombo weSolezwe uthe kube nomhlangano la betshelwe khona ukuthi kunenkinga yemali kulo msakazo futhi lokhu kuzophoqa ukuthi imiholo ingaphumi ngendlela.
Umphathi wesiteshi uThandeka Msani uthe kuyiqiniso ukuthi bababiza abasakazi babatshela ngezinqinamba abanazo.
“Asibanikanga incwadi kodwa sibatshelile ukuthi isimo sezimali asisihle nokuyinto engahlasele thina kuphela kodwa iningi lemisakazo yomphakathi. Esibatshele khona ukuthi imali bazoyithola kodwa kungenzeka kungabi ngezinsuku akade bejwayele ukuyithola ngazo.
“Ngikubekele isibonelo, kukhona iminyango kahulumeni ebesijwayele ukusebenzisana nayouma kunenkulumo kamengameli, besesithola imali ngalokho, kodwa kulo nyaka lokho akwenzekanga.
“KuMasipala weTheku bekunezinkinga ezithinta imeya ezithikameze izinhlelo eziningi esizenza nabo, imali ngalezo zizathu ayingenanga,” kuchaza uThandeka.
Uthe yize kunezinkinga kodwa bona ngeke baze baphazamiseke emoyeni, isiteshi sizoqhubeka nokuzwakala njengoba bengenaso isikweletu kwiSentech.