Umngani kaNontobeko Cele oyingoduso kaSbusiso Lawrence Ntaka uveze isithombe esihlukile ngalo msolwa ogcine ethatha impilo yakhe.
USbusiso uphenduke undawuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ebusuku, nge-video ayifake kwi-Facebook eveza ukuthi usebulele ingoduso yakhe ngenxa yobuhlungu bokubona imizamo yakhe othandweni iphelela emoyeni.
“Ngiyazi nizothi nginesihluku, ngizamile ngisebenze kanzima empilweni ngizama ukwenelisa umuntu wesifazane, ngizama ukumjabulisa, ngizama ukuthi umuntu wesifazane ejabule, ngilahlekelwe yimali eningi,” kusho yena.
Uqhubeke wathi wazala ingane okungesiyona eyakhe, wamubekezelela wayondla nengane, wasuka lapho wamlahla ngoba esezophunyelwa yimali yeRAF (Road Accident Fund). Uthi uvumile nalapho waqhubeka nempilo kodwa yabuya ingoduso yakhe ifuna balungise izinto.
EZINGENAYO: Amaphoyisa KwaZulu-Natal aqinisekise ukuthi owesilisa ofake video ezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi usebulele owesifazane athandana naye uzikhungile.
— Isolezwe News (@IsolezweNews) December 18, 2024
Lo mlisa utholakale elenga esihlahleni buqamama nendawo abulale kuyo owesifazane. pic.twitter.com/ZCoNA7GiUl
Lokhu kufakazelwe ubaba wakhe othe wayezwa ukuthi ingoduso incenga odadewabo kaSbusiso ukuthi wayebanxusa ukuthi bamkhulumele naye babuyelane.
Ubaba wakhe ubekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu ekuseni, esendaweni yaseMalangeni, lapho okutholakale khona isidumbu sikaSbusiso silenga esihlahleni singakasuswa.
Ngesikhathi amaphoyisa ehlisa isidumbu sendodana, ufikelwe wumunyu wakhala.
Umngani kaNontobeko Cele ocele igama lakhe ukuba ligodlwe, uveze ukuthi uSbusiso ubenesikhwele esibi futhi akaqali ukuhlasela ingoduso yakhe.
Uthe ekuqale konyaka odlule, wake wamsabisa ngommese besendlini aqashe kuyo uNtobe wamtshela ukuthi angambulala.
“UNtobe wangishayela ucingo ekuseni engitshela ngokwenzeke ngayizolo ebusuku futhi waveza ukuthi ushiye incwadi nendandatho ayemthembise ngayo umshado,” kusho umngani.
Uthe wamyala umngani wakhe ukuthi angabe esabuyelana naye kodwa akamlalelanga ngoba babuye baqhubeka nokuthandana. Uthe uSbusiso wayemelusa uNtobe, engafuni ngisho ahambe engekho.
“Uma siya ezitolo wayefona njalo ngemuva kwemizuzu embalwa nge-video call ehlola ukuthi sesikuphi senzani futhi sesichithe isikhathi esingakanani ezitolo. Wayesitshela uma sesihleli isikhathi eside ukuthi asibuyele emqashweni. Nakhona lapho uma eke wenza iphutha uNtobe engaphenduli iselula, wayesuka eStanger uSbu afike eMlaza ukuhlola ukuthi kwenzenjani, yini emenza angaphenduli ucingo lwakhe.”
Ngesigameko sangoLwesibili, lo mngani uthe ubazi ukuthi uSbusiso ubezothatha uNtobe nengane beyoyithengela izimpahla. Uthe endleleni bahlangane noXoli (ubabekazi wengane), bamthatha bahamba naye. Nebala zithengiwe izimpahla, kwayiwa nasolwandle kwamnandi kwanjeyaya.
“Uma ngizwa ngoXoli, uSbu ubashiye ekhaya nengane wacela ukusala emotweni noNtobe bakhulume. Ababonile bedlula ngendlela bathi babone sengathi kuyaliwa emotweni nokuyilapho esuse khona imoto bahamba kanti uyombulala.”
Usola ukuthi ubehlele ukuthi bafe bonke nengane, kodwa kwaphazamisa ukufika kukadadewabo yasinda kanjalo ingane.
Thola Isolezwe kusasa ufunde udaba oluphelele