UFISA ukuthi ngabe usindile umbulali ukuze achaze isizathu sokukhipha ngesihluku imiphefumulo yabane bomndeni waseCliffdale, ngaseHammarsdale, okuthiwa ubabulale amasonto elandelana.
Esigamekweni esenzeke ngoMgqibelo kulungiselelwa umlindelo kaNobuhle Majola (16) noNksz Nomfundo Majola (23), okuthiwa umsolwa wababulala ngoMgqibelo odlule eClermont, ngasePinetown, kuvela ukuthi ubulale uNkk Thulile Majola (67) noNksz Phindile Majola (38).
Akagcinanga lapho, udubule kwafa amaphoyisa amabili asesiteshini saseHammarsdale, abebizelwe endaweni yesigameko, uCaptain Naveen Pather obengumphathi siteshi noWarrant Officer Dumisani Ndlovu obengumphathi wabaseshi.
Isihlobo esicele ukungadalulwa sitshele Isolezwe ukuthi uNkk Majola ubengunina kaPhindile noNomfundo, bese eba wugogo kaNobuhle.
Silandisa ngesigameko isihlobo sithe, umsolwa eqala ukufika, izidumbu zikaNobuhle noNomfundo bezisendleleni eza ekhaya, zibuya emakhazeni.
“Kungene umuntu esingamazi, efake isigqoko nesifonyo. Ubuze ukuthi uphi uNkk Majola. Sivele sathula sangamphendula. Uthe esuka wakhipha isibhamu, esibuza ukuthi sithuleleni. Sigcwale izinkalo, sibaleka kanti uzodubula uPhindile,” kusho isihlobo.
Uthe ngenkathi ephuma ebaleka emva kokudubula uthe uyabuya, basala babiza amaphoyisa.
Siqhube sathi kuthe esefikile amaphoyisa, esematasa endaweni yesehlo wabonwa yingane evele esikhotheni esiseduze nomuzi.
“Ahambile amaphoyisa ayomcinga ngalapho ebonwe ngakhona, wabaleka, wabuya ngakolunye uhlangothi, wadubula iphoyisa lokuqala, wangena endlini, wadubula uNkk Majola, waphuma, wadubula iphoyisa lesibili,” kusho isihlobo.
Sithe ugcine ebaleka nenxeba njengoba namaphoyisa emnembile.
Siqhube sathi isidumbu sakhe sigcine sitholwa umuntu obedlula esikhotheni esibudebuduze nekhaya.
Sidalule ukuthi bekukhona abakuzwile eClermont kuthiwa umsolwa obulale uNomfundo noNobuhle uthe akaqedile, usazolandelela, ayobulala abanye bomndeni.
“Nakuba siyizwile le nkulumo kodwa asizange sicabange ukuthi iyiqiniso,” kusho isihlobo esithe bewumndeni abamazi umsolwa futhi abazi ukuthi ubehloseni ngakwenzile.
“Sifisa ukuthi ngabe akafanga ukuze achaze ukuthi ubedinwe yini kangaka ukuthi ubengaze alalise izidumbu eziningi kanje,” kusho isihlobo.
Siwachithile amahlebezi okuthi ubengafuni ukwamukela ukuthi uNomfundo, okuthiwa ubethandana naye bese ethe ucu alusahlangani.
Sithe abazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani njengoba bebangcwabe kanzima oNomfundo noNobuhle ngeSonto njengoba sebehlalelwe ukufihla abanye ababili.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Senzo Mchunu, usifanise nobulwane isenzo sokubulawa ngesihluku kwabafi ngesikhathi edlulisa amazwi enduduzo emindenini yabo.
“Lesi senzo esinesihluku sibubeka obala ubungozi amaphoyisa ethu abhekana nabo uma esemsebenzini nobunzima imiphakathi yethu ebhekene nabo ngenxa yobugebengu,” kusho uMchunu.
Uthe bakanye nemindeni yabagilwa bayayikhulekela ngokulahlekelwa abathandiweyo bayo.
“Siwumbutho wamaphoyisa nomphakathi, silahlekelwe kakhulu ngokufa kwabo,” kusho uMchunu.