KULIMALE inqwaba yabafana ngesikhathi behlaselwa yinkunzi esigodlweni seSilo saseSwatini eLudzidzini Royal Palace, ngoLwesithathu ekuseni.
Kuthiwa laba bafana, ababizwa ngama-ngatja ngolimi lwakhona, bebenza usiko lokubamba inkunzi lapho kufanele bayibulale ngezandla.
Ukubulawa kwenkunzi kuyingxenye yomcimbi oqhubekayo obizwa ngokuthi, Incwala. Namuhla kugujwa iholidi leNcwala kuleliya zwe.
Ngokubika kweSwaziland News, kuthiwa iSilo uMswati III sijwayele ukwenza usiko kuyona inkunzi ngokulala nayo nokuyingakho izibongo zakhe zithi “uchamela enkhomeni uchamele nakumuntfu”.
Iqhube yathi kujwayele ukwenziwa usiko kuyona ngaphambi kokuthi ibulawe ngabafana futhi kuthiwa cishe minyaka yonke abanye bayafa esibayeni bebulawa yiyo le nkunzi.
Ezintatha ngoLwesithathu ngabo 2 ekuseni kuphuthunyiswe inqwaba yabafana esibhedlela futhi abanye basesimeni esibucayi.
ISwaziland News ishicilele i-vidiyo eveza abanye beqhuga.
Ukuphawula kwendlunkulu akutholakalanga.