ULIMALE kabi unogada ovikele ibhokisi lemali ngesikhathi kugadla oshayasibhamu emini bebade eDube Village, eNanda.
Ngokwemibiko evela endaweni yesehlo, abasolwa abahlanu bavimbezele imoto yemali enxanxatheleni yezitolo ngo-12h:30 ngoLwesibili emini. Kuthiwa abasolwa bebecuthe eceleni kwemoto yemali belinde ukuthi kuphume unogada nebhokisi lemali bese bayagadla.
Nebala kube njalo, kodwa unogada ube nesibindi sokubaleka abuyele emotweni nemali. Udubuleke kabi emlenzeni kodwa wakwazi ukusindisa imali. Kudingeke ukuba kubizwe indiza enophephela emhlani ukuze aphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yobucayi besimo sakhe.
Abasolwa bahambe belambatha.