UBHIYOZELE ukugwetshwa kukamakoti wawo umndeni waseMlaza, ngesiphihli sedili esenzelwe endaweni yomtakabani ese-Adams, eningizimu yeTheku.
UFaith Nongcebo Ntombela, emasontweni amabili edlule iNkantolo eNkulu yaseThekwini imgwebe udilkajele ngecala lokusoconga umyeni wakhe, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela, owayesebenzela umasipala weTheku.
Ijaji uMahandara Chetty lakhala kakhulu ngokungathembeki kukaFaith ehlela itulo lokubulawa kukamyeni wakhe. Lazwakalisa ukukhungatheka ngokuthi kungani abulala indoda eyayimthanda futhi imnakekela.
Ngaphambilini uFaith watshela inkantolo ukuthi wafinyelela kulesi sinqumo ngoba wayesekhathele ukuhlukunyezwa ngumufi kodwa inkantolo yakuchitha lokho yathi usemane ucasha ngesithupha nje.
Umufi wadutshulwa wabula esemzini wakhe okwaS, eMlaza ngoMeyi 3 ngonyaka owedlule. Waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho kwaboshwa inkabi uMzo Ntombela owageqa amagula enkantolo ngalo lonke itulo wachakida uFaith emchaza njgengongqondongqo wetulo lokubulawa komyeni wakhe.
UFaith wagcina esekhalelwa ngamaSongo kaSigonyela naye wase egonyuluka ngalokhu eNkantolo eNkulu yaseScottburgh, ezinyangeni ezedlule. Waveza ukuthi wayengwa yinkabi esatshwayo KwaZulu Natal, uKhulani Cele okuyimanje usezikhindini.
Kwaphinde kwaboshwa noMnuz Sithembiso Khumalo onguthishanhloko wasesikoleni samabanga aphansi saKwaMaphumulo, iMpumlwane. Okwamanje ungaphandle ngebheyili. Icala lakhe lizobuyela eNkantolo ngo-Ephreli wangonyaka ozayo.
UMnuz Nkosinathi Ntombela oyiwele likamufi uthe babone kungcono kakhulu ukuthi bahlele idili lokujabulela ukugwetshwa kukamakoti wabo.
"Siyazi khona ukuthi lokhu esikwenzile kube yinto engajwayelekile kakhulu impela nje. Kodwa sibone kungcono kabi ukuthi sijabule kanjena ngokuthi inkantolo ibenzile ubulungiswa yamgweba uFaith. Sijabule kakhulu kabi,'' usho kanjena.
Kule ndumezulu yedili ebiseMaZikode Estate, e-Adams uNtombela uthe bekufinywa ngendololwane kukhona yonke into okubalwa neziphuzo ezahlukene.
"'Uhambe kahle kakhulu umcimbi wethu ngoba konke obekuhlelwe kahle. Lokho nje kukodwa siyakubonga futhi kuyasijabulisa nje kakhulu kabi,'' usho kanjena.
Bekukhona nabangani nezihlobo nabo bezojabula nomndeni wakwaNatombela.
UFaith ugcine ephenduka undabuzekwayo kuleli cala njengoba azakhela udumo ngokumamatheka njalo uma eze enkantolo yeMantshi yaseMlaza.