KUVUNGAME izinkundla zokuxumana kuvela izindaba zokuthi intokazi engumculi uLondie London iphucwe imoto eyithengelwe yisoka.
Ngonyaka odlule le ntokazi ogama layo langempela uLondiwe Zulu yanekela izwe lonke injabulo yayo ithola unyanyavu lweBMW330i entsha. Uneka lezi zindaba ubesanda kuphoxwa ngowayengumyeni emphuca imoto ayemnike yona esaganile.
Kwakuqhilika izihlathi luvutha bhe uthando olusha noSiphamandla Mabonga.
Akuphelanga sikhathi esitheni kwabohla, lwaphela nalolo thando. Kuthe kusabhekwe ukuthi uthoba inhliziyo, kanti kukhona okusina kumjeqeza.
Iphephandaba langempelasonto iSunday World lipotshoze lezi zindaba ezibuhlungu zokuphucwa kukaLondie imoto yakhe yakamuva.
Kulokhu kuthiwa intokazi ivinjwe amaphoyisa, athi uma eyihlola imoto athola ukuthi ayikho egameni lakhe futhi ayikho egameni likaMabonga.
Kuthe sekuphenyisiswa kwatholakala ukuthi le moto yadunwa futhi ingeyenkampani yonogada eShowe.
‘Kuthiwa le nkampani yavula icala lokudunwa kwemoto KwaZulu-Natal,’ kubika umthombo wephepha.
Kuvela izindaba zale moto-nje kwalona isoka uMabonga kuthiwa liboshiwe.
Kuthiwa yena ubhekene namacala amabili okuzama ukubulala nelinye lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Lokhu kumayelana nesigameko esenzeka phandle kwendawo yokudlela iTempo Luxury Restaurant eRivonia, eGoli ngomhla ka19 kuJanuwari. Kuthiwa lo mlisa wayehamba nonogada bakhe bezama ukungena ngo-dli kule ndawo yize sebetsheliwe ukuthi azingeni izikhali. Kuthiwa ingxabano yabhebhetheka kwezwakala ngokuqhuma kwesibhamu ukuthi sekonakele.
Kulesi sigameko uMabonga wadubuleka walimala futhi waphuthunyiswa esibhedlela, onogada ayehamba nabo bashaya bachitha kanti namanje amaphoyisa asabafuna.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi uthe uMabonga ubegadwe amaphoyisa esibhedlela esiseGoli kodwa kulindeleke ukuba avele enkantolo yeMantshi eRandburg ngoMsombuluko mhla ka 5 Febhuwari.