IZINKUNDLA zokuxhumana zishintshe izinhlelo zase-Afrotainment ngomculo kaSizwe Mdlalose abantu bevele bethanda ingoma abebengayilindele.
USizwe udume ngokuba wumphathi wezinhlelo emcimbini nangokucula, ususe umsindo ezinkundleni, ikakhulukazi iTikTok, lapho efake khona amazwibela engoma yakhe entsha ethi Izithunywa. Upike kuyo uFamSoul noMa-Arh.
Kusuka eyifakile ngasekupheleni kwesonto eledlule, abantu bavele bayifuna la bethi izobenza bakhulume izilimi ezindaweni zobumnandi ngesikhathi abanye bethi bazodansa bephethe amashoba.
Ishaya ngesigqi okungathi ngesezangoma bese uSizwe ecula kuyo ngezilimi.
“Yisigubhu okukade saba khona lesi kodwa ngisisebenzisa ngoba ngiwumuntu kakhulu we-gqom. Ngithe uma sengenza i-EP yami kwangifikela enhliziyweni yami ukuthi angibuyele kuso ngingazi ngizokwenza kanjani,” kuchaza uSizwe ngokuqamba le ngoma.
“Umama wami ubengumkhokheli eZayoni, ngikhulele khona nami ngase ngiyasindiswa ngokuhamba kwesikhathi. Uma ngiqopha amagama engomeni kuvuke into ethi ngingaculi kodwa ngimemeze. Ngijwayele ukumemeza ezingomeni ngoba ngihlale noDladla Mshunqisi kakhulu. UDladla umuntu womoya nami ngokunjalo nokuyinto oyizwayo uma siqhamuka namatemu.”
Uthe yingoma ewumthandazo akhuleka kuyo ngezilimi.
“Ivusa umuzwa wokukhuliswa kwami eZayoni. Umama wayebubula uma esekhuluma ulimi olungazakwali. Yingoma esenhliziyweni yami phakathi kwami nomama.”
Uthe eqeda ukuyenza bambuzile ukuthi kukhona yini asazokubhala kodwa wathi cha.
Yilapho abathe bazoyenza kube yingoma engasekugcineni kwe-EP yakhe enemicu emihlanu.
“Kunengoma abebeyithembile. Ngicele imvume yokuthi ngifake le kuTikTok ebusuku ngabo-2, okuthe ngabo-10, ngavuswa yibo bethi kukhona into eyenzakalayo. NoMalume (DJ Tira) ushaye ucingo wathi uyasihlonipha isinqumo sami futhi izinto kwesinye isikhathi akumele azithathe ngendlela yena awazi ngayo umculo. Ngiyajabula ngoba uyangeseka ngaso sonke isikhathi. Abantu bayabuza ukuthi eyezangoma noma eyabasindisiwe. Ngithi njengeciko umuntu akayithathe ngendlela akholelwa kuyo.”
Uthando lwengoma lwenze wayikhipha ngoLwesihlanu olwedlule kuYoutube ekubeni wayehlele ukuthi iphume ne-EP ngoNovemba 29.
I-EP yakhe uthe uyiqambe ngothunjana wakhe ezinganeni ezimbili anazo uKonke.