SIZOHLANGATSHEZWA ozakwabo emkhakheni wezobumnandi kanye nezikhulu zikahulumeni isihlabani esidabuka kwaMashu, uZakes Bantwini ngesonto eledlule ohlabane ngendondo yeGrammy, e-USA.
UZakes ofike ngesonto elidlule kuleli, uzofika eKing Shaka namhlanje ntambama, lapho kulindeleke ukuthi amukelwe ngenkulu inhlokomo ngemuva kokuthola le ndondo ngokuhlanganyela noNomcebo Zikode waseHammarsdale noWouter Kellerman.
Laba bathole le ndondo ngengoma yabo ethi Bayethe ebiqokwe emunxeni weBest Global Music Performance.
Esitatimendeni esikhishwe uMasipala weTheku baveze ukuthi iMeya yeTheku izobe ingesinye sezikhulu zikahulumeni ezizobe zihambele lo mcimbi.
UZakes ekhuluma ngokuwina kwakhe uveze ukuthi luningi ucwaningo abalwenza njengoba babefuna ukuthi le ngoma yenze kahle, hhayi kuleli kuphela nje kodwa emhlabeni.
“Sabheka ukuthi kungenelwa nini, nokwathi sekuvuliwe safaka. Ngamangala kakhulu kodwa sengizwa izindaba zokuthi siqokiwe njengoba ngangingakulindele ngempela. Sasifaka nje ngoba senza kodwa okwenzeka kwaba kukhulu. Lokhu kwaqinisekisa kimi ukuthi into uma uyifuna ngempela ngisho kuthiwa uyenze udlala kodwa iyenzeka uma nje kungeyakho,” kusho uZakes.
Uthe manje uselindele ukukhipha i-albhamu yakhe yokugcina bese ngemuva kwayo eyashiya emculweni, agxile kwezamabhizinisi.
UZakes uphinde waveza ubuhlungu abuzwile kuvela izindaba zokudlula emhlabeni kuka-AKA.
Uthe lesi sigameko sivuse izilonda kuye njengoba esanda kushonelwa uyise ngendlela efanayo.
Uveze ukuthi elakuleli selifana nezwe lempi nokudingeka ukuthi udaba lwezibhamu lusukunyelwe.
Unxuse uhulumeni ukuthi alusukumele lolu daba njengoba lungaba nomphumela omubi uma luyekwa.