UMPHENYI wecala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, uBrigadier Bongani Gininda, uphinde wakuqinisekisa ukuthi ababephakathi endlini ngosuku okwabulawa ngalo, abanacala. UGininda ungomunye wofakazi ababalulekile kuleli cala eliqulwa eNkantolo eNkulu ePitoli.
Uthe ucingo lukaKelly Khumalo olwantshontshwa ngabasolwa nolibofuzo olwathathwa esigqokweni esashiwa ngabasolwa kwaqinisekisa ukuthi akekho owayesendlini kubasolwa.
Uthe waqhathanisa ulibofuzo lwabantu ababesendlini kwatholakala ukuthi ulibofuzo lwasesigqokweni luyabaphika ababesendlini. Uthe isampula likaZandile latholakala esivalweni seSmirnof kuphela kanti olukaGladness Khumalo latholakala esicabheni. Uthe kubantu abakhishiwe kuwo wonke amasampula ngoKelly Khumalo, Tumelo Madlala, Mthokozisi Khumalo noLongwe Twala.
Uthe phakathi kwezinto azithola edokodweni ezamenza wabona ukuthi kukhona abangena endlini, ukuvela kombiko wokwebiwa kweselula kaKelly Khumalo.
Uthe ngokombiko wenkampani yamaselula, kwavela ukuthi wonke amaselula ababesendlini, ayedonsa embhoshongweni owodwa, emva kwesigameko futhi wonke ayedonsa embhoshongweni osesibhedlela okwayiswa kuso uMeyiwa, kodwa iselula eyantshontshwa kaKelly, yona yabe isidonsa embhoshongweni iMoleleki.
Ebalula amaphoyisa amhlamuka ngamagama, uthe uWarrant Officer Meshack Makhubu, noCaptain Joyce Buthelezi, wathi yibo ababengayikholwa eyokuhlasela kwabasolwa.
Uveze ukuthi amaphoyisa amabili, agcina ekulaxaza ukusebenza naye, ngale ngokumtshela ngokusemthethweni.
“Kwavele kwahlukana inhloko nesixhanti, kwagcina kuvulwa idokodo lesibili, u-375 ngo-2019,” kusho uGininda.
Uthe kwathi ngokuhamba kwesikhathi wathola ukuthi leli dokodo lavulwa uMakhubu.
Eqhubeka nokubalula ezinye zezinto ezamenza wabona ukuthi kukhona abasolwa abangena endlini, kwaba ukungatholakali kolibofuzo lwababesendlini esigqokweni okuthiwa sawa kumsolwa.
Uveze ukuthi ne-tracker yemoto kaLongwe Twala yaveza ukuthi wasuka nababesendlini walibangisa esibhedlela.
“Nesibhamu sikaSello Twala (uyise kaLongwe owayesendlini), sathi uma sihlolwa, kwatholakala ukuthi asihambisani negobolondo lenhlamvu elatholwa endlini,” usho kanje.
UBrig Gininda uthe wake wezwa ukuthi uMnuz Hlophe wathi watshelwa Tumelo Madlala (ongumngani kaSenzo owayesendlini) ukuthi uSenzo wadubuleka ngephutha kodwa lokhu uTumelo wakuphika.
Ubuye waveza ukuthi ngesikhathi ummangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya evuma icala, waveza nokuthi bona bambulala uMeyiwa, bethengwe intombi yakhe uKelly.
“Lokhu wakusho esiteshini samaphoyisa eVosloorus, ngaphambi kokuba adluliselwe kuColonel Mbotho,” kusho uGininda.
Uthe lokhu kuvuma icala, kwahambisana nokukhomba kwakhe indawo yesigameko, athi uSibiya wathi, yize engeke alazi ngekhanda ikheli lendawo yesigameko kodwa angakwazi ukuyibona, nowakwenza ngempela ngesikhathi kuthiwa akayoyikhomba.