KUVELA okusha ngomculi kamaskandi ohlaselwe wumphakathi waseKagiso, eGauteng, wacishe wafa eshawa ngamatshe, esolwa ngokuzama ukuthumba ingane yesiqashi sakhe efuna imali yerenti.
UBobo ‘Mfana Wepiki’ Mhlongo, okuthiwa usephapheme esibhedlela, kuvela ukuthi akazange azame ukuthumba ingane.
Osondelene kakhulu nomculi uSizwe Maphanga, odume ngelikaMancamisa, uthe empeleni yisona isiqashi esaqhatha uMfana Wepiki nomphakathi ngokuphumela emnyango sishaye impempe ngesikhathi efika khona ezolanda imali yerenti.
“Umuntu owaba yisigebengu lapha, kwaba yisona lesi siqashi esaqhatha uMfana Wepiki nabantu ngokuvele sishaye impempe sengathi siyahlaselwa. Saphuma saqamba amanga sathi siyahlaselwa sashaya nempempe ukubiza umphakathi ngoba sibalekela ukukhokha imali yerenti. Nokuthi uMfana Wepiki wafika singekho wathatha ingane akulona iqiniso. Sahlaba umkhosi esengaphakathi endlini ethi uzoxoxa naso. Kumanje sesishaye sachitha asisekho nakhona emqashweni akwaziwa ukuthi sikuphi,” kusho uMancamisa.
Isiqashi kuthiwa akusona esaseNingizimu Afrika, siqhamuka emazweni angaphandle e-Afrika.
Uthe nalo mculi usephapheme esibhedlela kodwa akakaphumi ngenxa yokuthi walimala kakhulu ekhanda. Uthe nakuba uyaphila kungenxa yokuthi akophelanga ngaphakathi okuyinto etholwe ngodokotela ngesikhathi bemxilonga. Kwenzeka lokhu nje, lo mculi ubesanda kuganwa kanti namashwa alokhu emlandelile. Nyakenye uke wadutshulwa wacishe wafa, wavuka esibhedlela. Ngasekuqaleni kwalo nyaka nakhona uke waba nenkinga umuzi wakubo ushawa yizulu washa.
Kusuka elimele abantu bebekhuluma izinto ezehlukene ezinkundleni zokuxhumana. Kukhona abangamthandi abangabalandeli bakaKhuzani ngenxa yokuthi usanda kuphumela obala ethi akaqashwa nje emicimbini yingoba uvalelwa yilo mculi. Kukhona abebemfisela ukuthi alulame khona ezochaza kahle uhlangothi lwakhe ngalolu daba.
Nesibhamu sakhe okuthiwa sathathwa wumphakathi ngesikhathi ehlaselwa kuthiwa sesisemaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa eGoli, uLt Col Mavela Masondo ubekuqinisekisile ukuthi lo mculi ungaphansi kweso lamaphoyisa esibhedlela futhi uzokwethweswa icala lokuzama ukuthumba nokuzama ukubulala. Ngokwecala avulelwa lona, kuthiwa wayezama ukuthumba ingane eneminyaka emibili nokudubula esixukwini ngesikhathi evinjezelwe wumphakathi.