UZOJABULISA abantu basekhaya KwaZulu-Natal okokuqala kusuka azinza phesheya umculi we-jazz waseMlaza kwa-W, uLinda Sikhakhane njengoba ngeSonto ezoba nedili lomculo eHue Caffe, eWindemere, eThekwini.
Kulo mcimbi uLinda uthi uzobe ethula i-albhamu yakhe entsha asanda kuyikhipha ethi Iladi Lokubonga.
Uthi le albhamu uyethe ngalesi sihloko ngenxa yokuthi uzobonga abalandeli bakhe abaqhamuka kuzo zonke izindawo , umndeni wakhe ngisho nabakubo abangasekho.
Ekhuluma neSolezwe, uthe kungamthokozisa ukuphuma kwabalandeli bakhe ngobuningi babo, bazojabula naye njengoba kukuningi okusemgodleni wakhe.
“Kuyaqala ukuthi ngize ekhaya ngizojabulisa abalandeli bami ngomculo. Mina ngizalelwe eMlaza, umculo ngiwufunde khona njengoba bekunesikole sikababa uBrian Thusi ebesifundisa umculo. Ngakhetha ukuya kuso ngenjongo nje yokuyokwazi kabanzi ngalo mkhakha kanti uzofika angifake kulolu hlobo lomculo. Ngabona ukuthi abanye ontanga yami bayalujabulela ngaqhubeka nalo. Ngakhetha ukuyowufundela umculo e-UKZN ngase ngiya eNew York, eThe New School ngagcina eNorway e-Oslo nalapho ngiqede khona. Nginama-albhamu amane manje, yingakho ngikhethe ukuza ekhaya sengibona sifikile isikhathi.”
Uthe kule albhamu usebenze nabantu okukhona kubo noDkt Nduduzo Makhathini, Zwelakhe ‘Dumabell le Pere, Kweku Sumbry nabanye.
Uveze ukuthi abazoba yingxenye yomcimbi wangeSonto bazosala bebambe ongezansi njengoba ezobe ehambisana nabanye ozakwabo okukhona kubo uZibusiso Makhathini, Paras Dlamini, Dalisu Mdlazi noRiley Giandhari.
Amathikithi uthe ayatholakala eQuicket nasemnyango ngoR250.
Iminyango uthe izovulwa ngehora lokuqala bese umcimbi uqala ngehora lesine.
.