NGOKOCWANINGO olwenziwa ngonyaka odlule, i-USA, UK neJapan ngamazwe ahamba phambili emhlabeni ngokubukela ama-video ocansi.
Ngokusho kweWebroot.com, cishe abantu base-USA abangu-200,000 imininingwane yabo eqoshwe ngokuthi “bayimilutha yezocansi,” futhi cishe abantu base-USA abayizigidi ezingu-40 bafinyelela kuma-website ezithombe zocansi.
Phakathi kuka-2019 no-2022, isibalo sabantu abalashelwa ukuluthwa ucansi senyuke ngo-133%, i-UK Addiction Treatment Center (UKAT), okuyinhlangano ezimele yomtholampilo wokulutheka. Okukhathazayo ukuthi, i-NSPCC ibike ukuthi izingane ezineminyaka engu-10 zingena ezithombeni ezingcolile ze-internet.
Nakuba izinga lobuntombi eJapan lingekho phezulu ngendlela abaningi abacabanga ngayo ngoba abantu abasebasha khona bengabonisi intshisekelo ebudlelwaneni nakwezocansi, kunomkhuba owaziwa nge-"sekkusu-banare," ukuthanda ukubukela izithombe zocansi. UDkt. Langham uthe ukuguquguquka kosikompilo nezomnotho kwenza abantu baphile ngabodwana bajwayele ukusebenzisa lolu hlobo lwezithombe esikhundleni sokuba nezithandwa zabo.
La mazwe amathathu alandelwa yi-France, Canada, Italy, Mexico, Germany, Philippines, Brazil, Spain, Poland, Australia, Netherlands, Ukraine, Russia.
INingizimu Afrika ihleli kunombolo 17. Ucwaningo luthi amazwe ase-Afrika, njengamazwe ase-Asia, anamahloni ngezinto ezithinta izithombe zocansi. Kuthiwa zincane izimfundiso e-Afrika ngezithombe zezocansi kanti esikhathini esiningi ukuzibukela kuholela odlameni lwezocansi.
I-Argentina isezithendeni zeNingizimu Afrika kanti kuthiwa abantu besifazane bakhona yibona ababukeka bethanda kakhulu ukubukela lolu hlobo lwezithombe. Kulandela iSweden neChille okungamazwe anabesilisa abaningi abagxila kulezi zithombe, kanti abesifazane bayazithiba kulokhu.