OMAKADEBONA emculweni uSipho "The Big Fish" Makhabane, noRingo Madlingozi, bazohlonishwa ngomklomelo weLifetime Achievement Awards kuma-30th South African Music Awards (Samas) akulo nyaka.
Amagama alezi zingwazi amenyezelwe ngoLwesihlanu njengamaciko azobungazwa esaphila emcimbini wakulo nyaka oseGallagher Convention Centre eMidrand, eGauteng.
Laba baculi abasayibambile insimbi ishisa bazohlonishwa nentokazi egila izimanga phesheya kwezilwandle uTyla (22) wodumo lweWater, yena ozohlonishwa nge-International Achievement Award.
USipho waziwa ngezingoma ezithi Izindonga nethi The Devil Is A Liar futhi wavumbulula ikhono likaHlengiwe Mhlaba, uThobekile, Tshepiso Motaung neShongwe and Khuphuka Saved Group. URingo udume ngengoma ethi Kumi Nakum, Ndiyagodola neBuyisa.
Inhloko yamaSama, uNhlanhla Sibisi ithe bakhethe uSipho noRingo ngenxa yokuba ngoqolothakamango abanamagalelo emculweni wakuleli. Uthe bengamaSama bayaziqhenya kakhulu ngempumelelo kaTyla.
Esitatimendeni esisabalaliswe ezinkundleni zokuxhumana abagqugquzeli balo mqhudelwano wezindondo bathe umunxa weLifetime Achievement awungenelwa kodwa yibo abacwaninga kabanzi ngalawo maciko abasuke bezowathulela isigqoko ngalowo nyaka.
"ILifetime Achievement Award iklonyeliswa loyo osuke enikele ngesikhathi sakhe, okungaba ngumculi noma uphrojusa neqhaza alibambile ekufukuleni, ekuthuthukiseni nasekuqhakambiseni imboni yomculo kuleli. Lomunxa awungenelwa. Amalungu akwaRiSA ayamenywa ukuba athumele okuzoqokwa kubo kanye nencwadi ekhuthazayo. Akekho ongelona ilungu leRiSA ongenela ngemali uma ethumela umngenelo. Abaklonyeliswayo bakhethwa yibhodi leRiSA."