ABASHADILE abanezinkinga, bazozethula zonke kumethuli wezinhlelo ophinde abe wumsakazi uLerato Kganyago, odume ngelikaLKG ngenhloso yokuthi ahlenge imishado yabo.
Kusukeka ngo-Okthoba 16, kwiMzansi Magic ngo-7 ebusuku, uLerato uzobonakala ethula uhlelo oluthi Forever Maybe.
Kulona uzobe ehambisana nodokotela wengqondo uLindelani Magubane ozobe esiza abashadile.
Kulolu hlelo kuzobonakala abashadile abane abafuna usizo ngezinto ezihlukene ezithinta umshado wabo.
Abashadile bazobe sebesengcupheni yokuthi imishado yabo iphele, ukuzama ukuyihlenga, bazohlala endlini abangayazi bazame ukulungisa izinkinga zabo, bathole nezindlela ezintsha zokwenza ukuthi imishado yabo isebenze.
“Uma besendlini kulapho bezothatha khona isinqumo sokuthi bayaqhubeka nomshado wabo noma sekuwukuphela kwawo.
“Njengoba behlezi bazobe bexhumana nemindeni yabo ukuze bathole ukuboniseka abakudingayo ngesinqumo okumele basithathe. “Konke-ke kuyobe sekusele ezandleni zabo, mayelana nenqubekela phambili,” kusho uShirley wakaM-Net.
Uthe izinhlelo abazikhombisa kwiMzansi Magic zikwezithandwa kakhulu kuleli.
“Izinhlelo ezibathinta ngqo futhi ezihambisana nabo ngoba zisuke zikhuluma ngento eyenzeka njalo emiphakathini abahlala kuyona. Ngakho ukufaka lolu hlelo ngosuku okuyiSonto, siyazi ukuthi siqhuba injabulo ehambisana nesifundo kubabukeli bethu. Bazosizakala kakhulu ababukeli njengoba nabo kukhona abazokuthatha bakusebenzise emizini yabo nasothandweni lwabo uma bengakashadi,” kuchaza yena.
ULerato uthe umsebenzi wakhe wukuhlala phansi nabashadile abe nengxoxo nabo, benze imidlalo ehlukene ukubasiza babone ukuthi kusekhona yini abangakwenza ngomshado wabo.