NOKUBONGWA PHENYANE
ISAZOQHUBEKA nokulingisa emdlalweni Isibaya imbongi yaKwaZulu-Natal, uSbonelo Mbutho, odume ngelikaSbo Da Poet, ngoLwesithathu oqale ukubonakala emdlalweni iGomora.
USbo ulingisa indawo kaSozabe, oyinsizwa yomZulu ezifelayo ngokushela abafundi bamantombazane abasebancane.
Uthe ngeke nje agcine ngokulingisa kuphela kodwa ubuye abe sethimbeni elibhala umdlalo.
“Kuyangijabulisa ukukhula kulo mkhakha wokulingisa engangifisa vele ukungena kuwo. Okujabulisa kakhulu wukuthi emidlalweni yomibili angigcini nje ngokulingisa kodwa nasekubeni wumbhali ngiyafaka kukho isandla. Emdlalweni iGomora ngibizwe khona njengoba bebefuna umuntu okhuluma kahle ulwimi lwesiZulu, okungenze ngathola indawo engiyilingisayo manje,” kusho uSbo.
Uthe uyaziqhenya kakhulu ngokungena emkhakheni wezinkondlo okuyiwona ombeke lapho ekhona manje.
“Ngila ngikhona nje wukwenza into engiyithandayo yase ingivulela amanye amathuba. Ngiyathemba ukuthi abantu le ndawo engiyilingisayo ngeke yenze bangibone njengomuntu omubi kodwa bazokhumbula ukuthi ngiyalingisa. Ngizoba yisoka nje impela kubafundi. Ngeke ngishele oyedwa kodwa bazoba baningana nje impela,” kuchaza uSbo.
Uthe yize umsebenzi usumningi eGoli kodwa akazukushiya eKZN ngoba kukhona amabhizinisi akhe.
Kuningi abantu abasazokubona ekwenza, okunye kwakho okugxile khona kwithelevishini.