LUQALILE uchungechunge lomjikelezo ohambela amanyuvesi kukhangiswa ngomcimbi Umbuso Wamaciko Maskandi Festival ozoba seWorkshop, eThekwini ngoSepthemba 28.
Umsunguli wawo, uGeh Ngcobo uthe ngoLwesihlanu uzobe ehamba nenqwaba yabaculi bakamaskandi abazocula bukhoma e-University of KwaZulu-Natal, e-Edgewood kusuka ngo-8 ebusuku.
Phakathi kwabaculi abazoba yingxenye yalo mjikelezo ozobe uqala, kukhona uSaliwa, Mayoghart, Mbeje, Ngena, Mjikijeli, Mjabulisi, noMzukulu kaShafuza.
“Ngokwezinhlelo zethu, bonke laba baculi bazocula bukhoma bezojabulisa abafundi base-Edgewood. Kunabaculi abasanda kukhipha ama-albhamu abo abazobe bewacula bukhoma ngoLwesihlanu. Kuzoqala kube nengxoxo nabo laba baculi bese benikwa ithuba lokuthi bacule izingoma zabo ezintathu bukhoma. Lolu hlelo oluzobe lwenziwa bukhoma luzophinde lusakazwe nasekhasini lethu iGezani Media Productions. Ngenxa yokuthi izinsuku zomcimbi sezisondele, siletha abaculi abaningi ngesikhathi esisodwa ngoba sifuna kufike usuku lomcimbi sesikwazile ukunika abaningi ithuba lokuthi bavele,” kusho uGeh.
Uthe ngoMgqibelo ithimba loMbuso Wamaciko lizobe liseZululand University Ongoye liyoqhuba khona umkhankaso.
UGeh uthe basazoziveza ezinye izindawo abasazoya kuzona.
Ukunandisa kwalaba baculi kuyingxenye yeMaskandi Friday esakazwa ekhasini leFacebook, iGezani Media Productions elisanda kubuya. njengoba kulungiselelwa umcimbi ozayo.
Kulona kusuke kulethwe abaculi abasanda kufika nabadala ngokunjalo nabaduma babuye banyamalala. Inhloso kusuke kungukubabuyisela kubantu baphinde bakhulume ngomsebenzi wabo.
Njengoba lubuyile kubaculi asebeke babonakala kulona singabala, uGcabashe, Umnyovu, Maganga, Umlabalalaba noLimit.
Kulo mcimbi okuqashwe kuwona inqwaba yabaculi bakamaskandi kuzobe kungenwa mahhala ngomhla ka-28 Septhemba.